ULukaku ubehamba noMegan Thee Stallion emshadweni kazakwabo

Umgadli wase-Belgium uRomelu Lukaku uhambele umshado kazakwabo eqenjini le-Inter Milan uLautaro Martinez nesithandwa sakhe esisha – umrepha waseMelika uMegan Thee Stallion.

UMartinez owayedlalela i-Argentina ngesikhathi iwina iNdebe yoMhlaba ubophe ifindo likasofa silahlane no-Agustina Gandolfo emcimbini owubukhazikhazi e-Lake Como enyakatho ye-Italy futhi lo mcimbi uhehe abantu abaningi abadumile.

Phakathi kwabebekhona kubalwa u-Enzo Fernandez we-Chelsea, u-Emiliano Martinez we-Aston Villa kanye no-Alexis MacAllister we-Brighton.

Kodwa-ke, uLionel Messi owawina indondo kakaputeni ohamba phambili kwiNdebe yoMhlaba ubengekho njengoba eshiye umgubho we-PSG nowe-Ligue 1 ukuze ahambele ikhonsathi ye-Coldplay e-Barcelona noCesc Fabregas.

ULukaku onguzakwabo kaMartinez ku-Inter Milan utshwetshulwe emi eceleni kukaMegan Thee Stallion.

Lo mdlali wase-Belgium usanda kuqeda ubudlelwano bakhe besikhathi eside kanti yena noMegan Thee Stallion basayinwe ilebula kaJay-Z i-Roc Nation okuphakamisa ukuthi kungenzeka badlulele phambili ngokuxhumana kwabo kwezobuchwepheshe.

ULukaku uthole ukunakwa kusukela lapho kanti abalandeli bomrepha basazama ukuthola ukuthi ubani lo mlisa omusha.

UMartinez wabelane ngezithombe zomshado ku-akhawunti yakhe yaku-Instagram ebonga wonke umuntu obekhona waphinde wathembisa umkhosi omkhulu ezweni lakubo.

Yize ebhekene nokugxekwa ngendlela adlala ngayo kwiNdebe yoMhlaba, uMartinez useshayele i-Inter Milan amagoli angu-21 kanti leli qembu likwazile ukuhlungela i-Champions League ngesizini ezayo njengoba lisasalelwe umdlalo owodwa.

I-Inter Milan ijabulele isizini eyimpumelelo njengoba iwine i-Italian Supercup ne-Coppa Italia.

Isizini yabo ingase ifinyelele ezingeni eliphezulu nakakhulu uma bedlala ne-Manchester City kowamanqamu we-Champions League mhla ziyishumi kuNhlangulana.

Lo mdlalo wamanqamu kuzoba kuwokuqala we-Inter Milan selokhu yagcina ukuwina ngaphansi komqeqeshi uJose Mourinho ngo-2010.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: ULukaku noMegan Thee Stallion

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva