Lungani Zungu
Lowo owayeyisikhulu sakwa-Prasa uMnuz Lucky Montana, usephazamise noma yimiphi imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa yokwenza i-ANC ibukeke imsulwa.
UMontana utshele ikhomishini yokulawulwa kombuso yidlanzana ngoMsombuluko, ukuthi uRamaphosa waqamba amanga ngesikhathi etshela iPhini leNhloko yamajaji u-Raymond Zondo ukuthi i-ANC ayizange icele abaphathi bamabhizinisi kahulumeni (ama-SOE) ukuba bathole usizo lwezezimali.
“Ngiphinde ngezwa futhi uMengameli ethi asifuni ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziselwe ukwenza imisebenzi yezepolitiki yeqembu. Sihlalo, akulona iqiniso lelo,” kusho yena.
UMontana uthe i-ANC yamcela ukuthi ayenzele umusa uma yenza imicimbi, okubalwa nemigubho yaminyaka yonke yokuzalwa yamhla zi-8 kuMasingana minyaka yonke.
Uveze ukuthi ubeya emahhovisi amakhulu e-ANC okungenani kanye ngenyanga esaphethe kwa-Prasa.
Izikhulu eziningi zamabhizinisi kahulumeni zivame ukuhambela emahhovisi amakhulu e-ANC, eLuthuli House eGoli, engeza.
UMontana uthe sekuyisikhathi sokukhuluma iqiniso.
Usole uRamaphosa ngokungayitsheli ikhomishini ngendlela ama-SOE asetshenziswa ngayo ukuxhasa amaphrojekthi e-ANC.
“I-ANC ibinginikeza uhlu lwabahlinzeki i-ANC ebakweleta yona bese becela ukuba ngibasize.”
UMontana ubelokhu eziphika izinsolo zokuthi wehlulekile ukuphatha i-Prasa.
UMontana phambilini wayesolwa ngokucekela phansi i-ejensi yabagibeli bezitimela, lapho aphendula khona kwikhomishini yokulawulwa kombuso yidlanzana ukuthi isikhundla sakhe senziwa saba nzima ngabaholi be-ANC.
“Kuyindlela yokuphila ku-ANC ukuthi uma ukulesiya sikhundla, kumele uphinde uthole indlela noma ngabe iqondile noma ayiqondile, yokusiza i-ANC. Kuyisiko elikhona,” etshela uZondo.
Uthe ubehla enyuka emzini wakhe ngesikhathi uRamaphosa ethula ubufakazi ngeledlule.
“Le nto ayiqalanga ngowe-2007 ngesikhathi uJacob Zuma esengumengameli,” esho.
Uthe, kwesinye isikhathi bekufanele akhokhele imicimbi ye-ANC.
“Ngazizwa nginamahloni njengelungu le-ANC ukuthi asibatsheli iningi labantu bakithi udaba oluyiqiniso.”