ULucasraps usekhiphe i-vidiyo eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Omunye wabarepha abahamba phambili eMzansi, uLucasraps, usekhiphe ividiyo yomculo we-hip-hop eshisa izikhotha ethi-Piped Up (eyi-Remix) ngoLwesibili.

Ezimele yedwa, lo mrepha waseThekwini ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ngemuva kokuphuma kwe-albhamu yakhe yokuqala ethi-031 To The World ngoMfumfu 2021 ngaphansi kwenkampani yokuqopha i-Def Jam Recordings Africa.

ULucasraps, odabuka eThekwini, usayine nenkampani yaphesheya ngoNcwaba ngonyaka odlule ngemuva kokuchitha isikhathi esiningi ehamba futhi eqopha noDJ Maphorisa enkampanini yakhe lapho aqopha khona izingoma ezaziwa  nge-BlaqBoy Music.

ULucasraps, ogama lakhe langempela uLuke Duncan Malong wayeka esikoleni samabanga aphakeme ngonyaka ka-2018 eneminyaka engu-17 kuphela ukuze aqhube umsebenzi womculo okhokhelwayo eGoli ngaphansi kwe-BlaqBoy Music.

Manje ividiyo yakhe ebizwa nge-Piped Up (Remix)” ibukeka futhi izwakala njengethuba lokubonisa ingcebo yakhe ngemuva kokusayina nenkampani enkulu yokuqopha i-Def Jam Africa, futhi kubukeka kunenye ingoma ayiphekayo enkulu angase ayikhiphe ngaphambi kokuthi kube phakathi nonyaka.

Kodwa i-Piped Up (eyi-Remix)” ayisoze yafana nezingoma zakhe zangaphambilini ezamakhela udumo kule ndima yokurepha ezithi-Slide X Ammo kanye nethi-Ah ah ah ah ayicula noBlxckie.

UBlxckie usajabulela amaholidi akhe ngemuva kohambo lwangoZibandlela ehamba ekhangisa nge-albhamu yakhe yokuqala ethi-B4NOW.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva