Linda Ximba
Ngesikhathi iPirates inenebula iBlack Leopards ngo 3-0 emdlalweni we-DStv Premiership ngoLwesine olwedlule, bekungumdlalo we-16 kulandelana ngaphandle kwalo mdlali ohlaselayo.
Iqembu lePirates lithi uThembinkosi Lorch ulimale umsipha futhi namanje akukacaci ukuthi uzobuya nini.
Ugcine ukudlala ngoNhlolanja ngesikhathi bedlala neSuperSport United.
Lo mdlali weBafana Bafana akazange abonakale emidlalweni eyisithupha yamaqoqo e-CAF Confederations Cup nasemidlalweni emibili ye-Nedbank Cup.
Amahebezi athi ufuna ushintsho lwendawo, njengoba esedlale kuPirates iminyaka eyisithupha.
Ngemuva kokuwina umklomelo we-Footballer of the Season kumasizini amabili edlule, uLorch ubezibona eseYurophu kodwa iphupho lakhe kungenzeka lingafezeki
Ubenezinkinga eziningi ezingaphathelene nebhola okuholele ekwehleni kwefomu yakhe yokudlala enkundleni.
Khonamanjalo, umqeqeshi weBucs uJosef Zinnbauer uncome iqembu lakhe ngokudlala umdlalo omuhle ngesikhathi bedlala neLeopards esongelwa ukwehliselwa ezansi kwetafula ngemuva kokunqoba ngempumelelo ngoLwesine ebusuku e-Orlando.
“Esiwombeni sokuqala bekunento evimbili phakathi kwegoli nebhola kodwa esiwombeni sesibili sishaye amagoli ngokushesha” kusho yena.
Umqeqeshi weLeopards uLehlohonolo Seema, ugxeke “amathuba amagoli abaphuthile” abekade bewadala phakathi nesizini wathi kumele bazimisele abadlali bakhe.