ULookman ukhombise iBafana okumele ikulindele

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umgadli we-Nigeria u-Ademola Lookman ukhombise iBafana Bafana okufanele ikulindele kuye emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 ngoNhlangulana.

NgoLwesithathu ebusuku, lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ushaye i-hat-trick ukusiza i-Atalanta ishaya i-Bayer Leverkusen yaphinde yanqoba i-Uefa Europa League enkundleni I-Aviva e-Dublin.

Lo mdlali ube ngumdlali wokuqala ukushaya amagoli amathathu kowamanqamu e-Europa League.

Ngemuva kwalokhu kudlala, umqeqeshi uHugo Broos nabadlali bakhe basemuva kuzomele babhekane nalo mdlali owake wahlasela i-England Under 21 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

INingizimu Afrika izovakashela i-Nigeria emdlalweni kaGroup C e-Uyo ngomhlaka-7 kuNhlangulana futhi uma uLookman ewulungele lo mdlalo, lokho kungase kukhathaze abadlali baBroos.

Ukuzethemba kwalo mgadli we-Everton kukhuphukile, futhi usememezele ukuthi kuningi okufanele kulindelwe kuye.

“Bengilokhu ngilethemba ikhono lami,” kusho uLookman, kubika iBBC Sport.

“Eminyakeni emibili edlule, ngikwazile ukukhuphulela ukudlala kwami kwelinye izinga. Mhlawumbe kusheshe kwenzeka, kodwa iyangijabulisa inqubekelaphambili engiyenzile, kodwa lesi kuseyisiqalo. Ngithemba ukuthi ngisazoba nezinye izinsuku ezifana nalezi.”

ULookman wahlala kwaze kwaba yisikhathi esengeziwe lapho iBafana ikhishwa iNigeria kumqhudelwano we-Africa Cup of Nations ka-2023, esigabeni sokwandulela owamanqamu ngoNhlolanja.

Ushaye amagoli amathathu emidlalweni eyisikhombisa emqhudelwaneni wezwekazi, kodwa ukusebenza kwakhe kwi-Europa League kungase kumkhuthaze ukuthi aqhubeke nomsebenzi weqembu lesizwe.

Isithombe esingenhla: Umgadli we-Atalanta ne-Nigeria u-Ademola Lookman.

Umthombo wesithombe: Uefa Europe League

Izihloko zakamuva