Ulivumile icala owahlephula isithupha somfanekiso obaziwe

Lubhalwe intatheli ye-Scrolla

UMichael Rohana wase-Delaware, eMelika ulivumile icala lokugqekeza nelokweba isithupha somfanekiso obaziwe wase-China owawubiza u-R82 million.

URohana waveza ukuthi wayephuzile ngesikhathi ehlwitha isithupha ngephutha ngaphambi kokuba abaleke naso.

Wathweswa icala lokweba nokufihla into eyigugu yamasiko ngonyaka ka-2018 endaweni egcina amagugu futhi angajeziswa iminyaka engu-30 ejele.

Kodwa ngoMsombuluko uRohana ulivumile icala, wehlisa isigwebo sakhe sasejele saba unyaka owodwa kuphela, kubika i-Insider.

Akazange futhi axolise kulo mfanekiso obaziwe ngokuthatha isithupha.

URohana wayehambele umcimbi kaKhisimusi ngomhlaka-21 kuZibandlela ngo-2017 endaweni egcina amagugu yase-Franklin, e-Philadelphia ngesikhathi enyonyoba embukisweni we-Terracotta Warriors.

Lo mbukiso wawuvaliwe kubantu ababehambele iphathi futhi wawunezithombe eziqoshiwe ezimbalwa ze-terracotta zamaqhawe avela ethuneni lombusi wokuqala wase-China.

Le mifanekiso ebaziwe eyayibhalwe ngo-210 kuya ku-209 BC, yayibolekwe e-China futhi ichazwa njengengxenye eyigugu kumasiko ezwe, kusho i-FBI.

URohana wahlephula isithupha kumfanekiso obaziwe obizwa nge-Cavalryman, ofakwe umshwalense ka-R82 million kodwa wasibuyisela ekhaya.

Ngemuva kokuhlehliswa kaningi ngenxa ye-Covid-19 kanye namaphepha aseNkantolo alahlekile uRohana ugcine elivumile icala futhi uzogwetshwa ngokusemthethweni ngomhlaka-17 kuNcwaba.

Ngakho ngokuzayo uma uzithola uhlephula isithupha somfanekiso obaziwe ukuvuma iphutha lakho kungase kube umzila olula.

Isithombe esingenhla: Umfanekiso obaziwe ohlephulwe isithupha

Izihloko zakamuva