Dylan Bettencourt
Ukulungiswa kwezikole ezikhahlanyezwe izikhukhula KwaZulu-Natal kuzodinga u-R442 million, ngokusho koMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.
Lesi sibalo kungenzeka sinyuke ezinsukwini ezizayo njengoba kuqutshekwa nokuhlolwa komonakalo odalwe izikhukhula ezikoleni.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu uKwazi Mshengu ukuqinisekisile ukuthi izindleko zomonakalo zinkulu kakhulu.
“Ziningi izinto ezilimele ezikoleni, into ongayithola ngothisha nabafundi kuphela njengoba izimpahla zesikole zikhahlamezwe izikhukhula. Leso sibalo sizonyuka ngokuqhubeka kwezinsuku,” kusho uMshengu.
UMnyango udalule ukuthi zingu-630 izikole ezikhahlamezekile ngenxa yezikhukhula kanti ezingu-124 zinomonakalo omkhulu kakhulu.
Ezinye izikole ezingu-101 bekungelula ukufinyelela kuzona.
UMshengu uthe bangu-320 000 abafundi abakhahlanyezwe izikhukhula kanti bangu-57 abafundi abalahlekelwe izimpilo zabo.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, ohambele izikole eziningi ezikhahlamezekile ngoLwesibili uthe umonakalo owenzekile uzobabuyisela emuva kakhulu.
“Sinezinkinga ezinkulu zengqalasizinda kulo mkhakha. Kusho ukuthi kufanele siqondise kabusha izinsiza kanye nokusiza ezinkingeni eziqhubekayo,” kusho uNgqongqoshe.
UNgqongqoshe uthe uMnyango ubheka ukuthi umonakalo ungakanani ukuze uveze ukuthi izikole zingavulwa nini.
“Siyaqhubeka nokuhlola umonakalo nokuthi yini engenzeka ngaphansi kwesimo futhi ikuphi okumele sikwenze ukuze izinto zibuyele esimeni esijwayelekile.”
Uthe kubalulekile ukuthi izingane zibuyele esikoleni ukuze bazokwazi ukubhekana nezindleko zabantu abakhahlanyezwe izikhukhula.
“Sizokwazi ukubona ukuthi bangaki abafundi abangakabuyi esikoleni nokuthi bangaki abashonelwe ngabazali nemindeni. Ingakho kubalulekile ukuthi kuvulwe izikole,” kusho uMotshekga.
Izingane ezisezindaweni ethintekile zizokwesekwa ngokwengqondo ziphinde zifakwe ezikoleni ezingomakhelwane ukuze kulungiswe okudingekayo ezikoleni zabo.
Umthombo wesithombe: @EWN