Ulindwe ngabomvu ozoqokwa njengeSilo sama-Venda

Elmon Tshikhudo

Isizwe sama-Venda sikulinde ngabomvu ukuzwa ukuthi ngubani ozosihola.

Lokhu kulandela isimemezelo somndeni wakwaMphephu Ramabulana sokuthi bazohlangana ngoLwesithathu ukuze baqhamuke negama lomuntu ozothatha ikhundla sokuhola isizwe.

NgoLwezi iNkantolo yoMthethosisekelo yakhulula inkosi ebiyibamba uToni Mphephu futhi yashiya isizwe sama-Venda singenaso iSilo.

Lokhu kulandela ukubhuntsha kwesicelo sikaMphephu sango-2019 sokudlulisa icala ephikisana nesinqumo esiphikisa ukuqokwa kwakhe njengeSilo.

Samsung Galaxy 14G

Kugcwele ukuqagela ngokuthi ngubani ozothatha izintambo. Imithombo eqhamuka enhlanganweni yamalungu omndeni itshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuthiwa uThomas Mphephu, ongusomabhizinisi nendodana kamufi uNkhandzeni Freddy Mphephu nguyena ozothatha izintambo.

Ubaba wakhe kwakufanele athathe isihlalo sobukhosi kodwa umfowabo omncane uPatrick Mphephu wabekwa nguMakhadzi ngephutha ukuthi abe iSilo.

Ikhuluma ngemuva kokuzwa lesi simemezelo, induna uLuvhaivhai Tshivhase wobukhosi bakwa-Tshivhase ithe inethemba lokuthi umndeni wakwaMphephu uzokwenza ngendlela ehlukile futhi ulungise iphutha lawo ukhethe indlalifa efanele yesihlalo sobukhosi.

“Lolu daba selunesikhathi eside luqhubeka futhi lufake ihlazo emndenini nasesizweni sama-Venda. Sekunesikhathi eside singo ngoti kulo mkhakha sinikeza izeluleko ngalolu daba kodwa zifika kubantu abangezwa,” kusho uTshivhase, ophinde abe ngungoti kwezamasiko.

“Lokhu bekungeke kufike lapha ukube bebelalela izeluleko zethu futhi benza izinto ngendlela. Singabagcini bomlando namasiko bama-Venda futhi siyabazi abaholi bangempela bama-Venda”.

Okhulumela umndeni wakwaMphephu uNtsieni Ramabulana ukuqinisekisile ukuthi umhlangano womndeni uzoba ngoLwesithathu.

“Siyasilandela isinqumo senkantolo, njengoba kunesikhala okufanele sivalwe emndenini futhi siyathemba ukuthi kuzokhethwa igama lomholi ozohola isizwe nomndeni njengoba udaba lusasezinkantolo,” usho kanje.

Khonamanjalo ngesonto eledlule uhulumeni wase-Limpopo ulumise lonke uhlelo lokwesekwa  kwalowo obeyibamba bukhosi uToni Mpephu.

Okhulumela uhulumeni wesifundazwe, uNdavhe Ramakuela, ukuqinisekisile ukumiswa kweholo elingaphezu kuka-R1 million ngonyaka, ezokuphepha nokunye.

“Silandela imiyalelo yenkantolo. Njengamanje ayikho inkosi ngakho-ke sizobuyisela konke ukweseka esikunikezayo njengohulumeni emakhosini uma nje udaba lobukhosi selulungisiwe futhi sekubekwe iSilo noma ibamba bukhosi elisha,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz