Ulindelwe ngabomvu  owe-Morocco ne-France  

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Atlas Lions okuyi-Morocco iqophe umlando ngokuba iqembu lokuqala lase-Afrika ukungena kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba likhipha ompetha base-Europe kulandelana.

Abadlali baseNyakatho ne-Afrika baqale uhambo lwabo oluyisimangaliso ngokuhlula i-Belgium okuyiqembu elibekwe endaweni yesibili emhlabeni ngesikhathi semidlalo yamaqoqo ngaphambi kokudlulela emzuliswaneni womkhumulajezi okokuqala kusukela ngo-1986.

Ngemuva kwalokho i-Morocco ibhekane nomsebenzi onzima ngesikhathi ibhekene ne-Spain, kodwa yakwazi ukuphumelela sekukhahlelwa amaphenathi. 

Ngemuva kwalokho babhekane nelinye izwe lamakoloni i-Portugal emdlalweni obunzima kakhulu.

I-Morocco iwine lo mdlalo ngegoli elilodwa eqandeni futhi yaba izwe lokuqala lase-Afrika ukungena kowandulela amanqamu eNdebeni yoMhlaba.

Manje njengoba i-Morocco isidlule amaqembu amaningi sekumele ibhekane ne-France okuyizwe elalikade libalawula. 

Futhi lokho kuzokwenza umdlalo wabo ube nzima kakhulu. Akuyona kuphela i-France okumele bazikhathaze ngayo njengoba kuqubuke ukushuba kwesimo sezepolitiki ngaphambi komdlalo.

Amaphoyisa e-France abhekane nabalandeli be-Morocco ngesikhathi bebungaza ukuhlula kwabo i-Portugal emigwaqeni yase-Paris ngoMgqibelo ebusuku.

Lokhu kungqubuzana kuza ngemuva kweminyaka engamashumi amabili yokungezwani kwezombusazwe phakathi kwalezi zizwe zombili, kanti kuleli sonto usopolitiki wase-France u-Éric Zemmour ugxeke izakhamuzi zase-France ngosiko lase-Morocco lokubungaza ukunqoba kwe-Atlas Lions.

Umlando phakathi kwe-France ne-Morocco usuka kude kanti abanye abadlali be-Morocco abase-Qatar futhibazalelwa bakhulela e-France.

Kodwa-ke, uma womabili amaqembu esengena enkundleni kumele bakhohlwe konke ukungezwani kwezepolitiki futhi i-Morocco izolwela indawo kowamanqamu eNdebe yoMhlaba.

Ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo e-Qatar, ithuba leqembu lase-Afrika lokudlala kowamanqamu alibonakali kahle.

Kodwa  i-France ithwele kanzima emahlombe ayo njengoba ne-Morocco izobe ilwela ukuziveza.

I-Morocco izobuyela ekhaya njengamaqhawe kungakhathalekile ukuthi umphumela uthini namhlanje ebusuku, kodwa ukuhlulwa kwe-France kuzodala ukucasuka kanye nentukuthelo ezweni lonke.

Umdlalo wesibili kowandulela owamanqamu uzoqala ngehora lesishiyagalolunye namhlanje.

Isithombe esingenhla ngese-Morocco ibungaza e-Qatar

Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup

Izihloko zakamuva