Sibonelo Zwane
UNthuthuko Shoba owatholwa enecala lokubulala intombi yakhe uTshegofatso Pule owayekhulelwe enezinyanga eziyisishiyagalombili uzogwetshwa namhlanje.
UShoba uvele eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesine lapho abezolalela khona isigwebo sakhe ngaphambi kokuthi agwetshwe.
Utholwe enecala lokuthengela uPule inkabi eyambulala.
Isidumbu sikaPule satholwa silenga esihlahleni e-Durban Deep ngoNhlangulana ngo-2020 ngumuntu owayedlula ngendlela. Wayedutshuliwe.
Kwakumele abelethe ngenyanga elandelayo ngesikhathi uyise wengane yakhe ebingakazalwa embulala.
UShoba wamataniswa necala lokubulala uMuzikayise Malephane owatshela inkantolo ukuthi wabulala uPule ngenxa yobugovu. Wathi uShoba wayemthembise u-R70 000 ngokubulala uPule.
Ngesikhathi ekhulumela ukuthi kwehliswe isigwebo, ommele uShoba u-Advocate Norman Makhubela, uthe iklayenti lakhe akumele linikezwe isigwebo esinzima ngoba liyaliphika icala.
Uthe ikilayenti lakhe lifanelwe isigwebo esifana nesikaMalephane ovume icala wagwetshwa iminyaka engu-20.
“Ukuthi uMalephane ulivumile icala akusho ukuthi unecala elincane kulokhu. Ngakho-ke uShoba akumele anikwe isigwebo esinzima ngoba nje esebenzise ilungelo lakhe elikumthethosisekelo lokuliphika icala,” kusho uMakhubela.
Kodwa-ke umshushisi wombuso uFagreh Mohammed uthe akukho lapho uShoba akhombisa khona ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Okokuqala ukuthi, uShoba akalivumi icala lakhe futhi namanje akakhombisi ukuzisola. Okwesibili uShoba waphatha uPule kabi. Njalo kwakudingeka ukuthi amncenge ukuthi amnike imali yokuya kadokotela. Ingxoxo yalaba bobabili iphinde yaveza ukuthi ummangalelwa wayengamhloniphi umufi futhi wayemphatha kabi.
“Wasebenzisa i-sim card engabhalisiwe ngamabomu ukuze axhumane noMalephane okusho ukuthi wayezimisele ngokubulala uPule. Lokhu kusho ukuthi wathengela uPule inkabi futhi uMalephane wayesetshenziswa uShoba,” kusho uMohammed.
UMohammed wengeze ngokuthi uShoba wabamba iqhaza elikhulu ngokuqinisekisa ukuthi uPule uyabulawa nokuthi nguye owanikela ngaye kumbulali wakhe.
Umbuso uhlongoza ukuthi uShoba athole udilikajele, egcizelela.
IJaji eliyibamba uStuart Wilson uthe uzokhipha isigwebo sakhe ngoLwesihlanu ntambama.