ULinda Twala – unakekela abampofu, abagulayo nabalambile

Sekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu, uLinda Twala ebeyithemba kubantu abaningi abaphelelwe yithemba e-Alexandra nakwezinye izingxenye zezwe.

Ngezinsuku zobumnyama zobandlululo, wasiza imindeni yalabo ababulawa emzabalazweni ukungcwaba abathandekayo babo. Futhi wanika ukudla nezingubo emindenini eyayikudinga kakhulu.

Ngowezi-2020 i-Covid ibe yisitha sakhe esisha, kodwa noma kunjalo uphinde wasiza izakhamuzi zase-Alexandra.

Ngalesi sikhathi uneminyaka engama-76 ubudala, futhi ubekwenza konke lokhu egqoke izinto zokuzivikela (i-PPE).

UBab’uTwala uzinikele ngokusiza nokunikeza amaphasela okudla kwabasengozini enkulu nama-PPE emiphakathini yase-Alexandra, e-Diepsloot, e-Soweto, e-Tembisa, e-Honeydew nase-Vosloorus.

Iqhawe langempela labantu!

Izihloko zakamuva