Everson Luhanga
Ngenkathi imibhikisho enodlame iqhubeka nokudala umonakalo e-Alexandra, uLinda Twala uqinisekisa ukuthi abasengozini kakhulu bathola ukudla.
UTwala uthe abantu abalele emibhedeni, abantu abadala, abagulayo, izingane kanye nabakhubazekile abangakwazi ukujoyina ukuphanga bazithola belangazelela ukudla.
Uthe yize abaphangi bedala uthuthuva emphakathini, ubematasa ebheka abantu abadinga usizo.
UTwala oneminyaka engama-77, owaziwa umphakathini wase-Alex njengo “Baba we-Alexandra,” uthe ucishe wakhala izinyembezi ngesikhathi ebona umonakalo odalwe ababhikishi.
“Ngiyazi ukuthi kunabantu abalungile abangazange babambe iqhaza ekuphangeni.
“Okudumaza kakhulu ngayo yonke lento ukuthi izitolo eziningi ebeziphangiwe bezixhaswa futhi bezilokhu zisiza abaswele kakhulu elokishini.
“Iningi labo lithembele kuzo lezi zitolo ebeziphangiwe ukuze bathenge ukudla.
“Njengoba kucekelwe phansi zonke izitolo ezise-Alex Pan Africa Mall, abaswele abazi ukuthi bazobhekaphi ukuze bathole ukudla nezidingo. Yilapho-ke engingena khona mina,” kusho yena.
NgoLwesibili ekuseni ngesikhathi abaphangi bebuyela enxanxatheleni yezitolo beyophanga, izingane nomama bebemile kulayini bezothola ukudla nezingubo zokulala ezifudumele kuTwala.
UTwala uthe ababhikishi bacekele phansi ilokishi asehlale kulo selokhu azalwa, futhi akakaze alibone leli zinga lokucekelwa phansi.
“Ngiyazi ukuthi kunezingane ezingenacala ezingazi lutho ngokwenzeka ezweni lazo. Zifuna ukuphila futhi zijabule. Ngilethe ukudla ngeloli lami ukusiza izingane ezisengcupheni kakhulu ezingakwazi ukuthenga lutho noma ukuziphangela,” kusho uTwala.
“Kuzokwenzekani manje, njengoba singenazo izitolo namabhizinisi abejwayele ukondla lezi zingane nabalele emibhedeni? Ngidumele kakhulu ngabantu bakithi.”
UTwala, obengeke angene kwezepolitiki ngesikhathi ebuzwa ngembangela yezinxushunxushu, uthe akufunayo nje ukubona abantu – ikakhulukazi izingane – zijabule futhi banikwe konke ukwesekwa okutholakalayo.
“Engikwaziyo ukuthi abantu bakuleli lokishi balambile futhi abanamisebenzi.
“Izinga labantu abangasebenzi belilokhu linyuka njalo. Iningi lalaba bantu likhungathekile. Kodwa lesi akusona isizathu somonakalo owenziwe.”