ULinda Makhubo ubethembe umhlaba othathe impilo yakhe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umfowabo kaLinda Makhubo uthi uthisha ubegcwele uthando nenjongo, futhi ubewuthemba kakhulu umhlaba.

Isikole uLinda afundisa kuso iminyaka engu-12 sisezinhlungwini, kulethwa nokweluleka abafundi nothisha.

Umndeni kaLinda Makhubo uzwa ubuhlungu. Uthisha waseSoweto abebemthanda, ekhuthaza abafundi futhi ekholelwa kokuhle, usehambile unomphela.

Ngemva kwezinsuku ezinhlanu enyamalele, uLinda utholwe eshonile emakhazeni aseSoweto ngoMsombuluko ngomhlaka-9 kuNhlangulana. Uduke ngemuva kokugibela i-e-hailing ride.

Manje, umfowabo omncane uKuhle uthi umndeni udonsa kanzima ukubhekana nalokhu.

“ULinda ubengaphezu kwegama lakhe,” kusho uKuhle. “Kwakulula ukukhuluma naye, ehlakaniphe, enozwelo nethemba. Wahamba empilweni enenjongo nothando. Wenza abantu bakholelwa esintwini, kwaze kwaba yilapho umhlaba umjikela.

Ngosuku anyamalala ngalo, ngoLwesithathu ngomhlala-4 kuNhlangulana, uLinda wacela ukugitsheliswa nge-e-hailing. Akazange asho ukuthi uyaphi, kodwa umndeni awuzange ukhathazeke. “Wayefika njalo ekhaya,” kusho uKuhle.

Ngesikhathi umndeni ubizwa emakhazeni ezinsukwini ezinhlanu kamuva, bathola isidumbu sikaLinda.”

ULinda ubeneminyaka engu-34 ubudala. Ubefundisa isiNgisi nesiZulu kubafundi bakaGrade 11 no-12 eTetelo Secondary School e-Protea Glen. Ubeseneminyaka engu-12 enguthisha futhi ewuthanda umsebenzi.

“Ubehlezi ehleka futhi ejabule,” kusho uKuhle. “Wayethanda ukuba uthisha.”

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uthe umphakathi wesikole uphazamisekile. Uqinisekise ukuthi sekuthunyelwe amathimba okululeka abahlukumezekile ukuze asize abafundi nabasebenzi.

“Njengomnyango, sidabuke kakhulu. Othisha bangabakhi bekusasa lezingane zethu. Ukulahlekelwa umuntu ofana noLinda kushintsha yonke into.”

UChiloane unxuse amaphoyisa ukuthi athole abasolwa ngobugebengu.

“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaLinda. Sazwelana nabo kakhulu.”

Osesithombeni esingenhla: ULinda Makhubo.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva