Ulimale kabi obezama ukweba amakhebula kagesi  

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ngesikhathi izikhulu ze-City Power zilungisa ikhebula elingasebenzi kahle esiteshini isela belizama ukweba endaweni eqhele ngamamitha ambalwa.

Ubengazi ukuthi izintambo zikagesi zisaxhunyiwe nokuthi ziphakela amakhasimende ugesi.

“Amalungu e-City Power kanye nosonkontileka bebezama ukulungisa ikhebula eduze kwase-Alexandra Substation e-Alexandra’s River Park ngesikhathi umsolwa ezama ukusika ikhebula le-copper,” kusho okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena.

Ngesikhathi ezama ukusika amakhebula uzithole evaleleke emlilweni omkhulu obangelwe ugesi ngemuva kokuqhuma kwamakhebula – futhi lokho kumshiye elimele kabi isingenhla somzimba okubalwa nasebusweni.

Ngesikhathi umphakathi usuzomjezisa ngaleli cala amaphoyisa ase-Sandringham aye amhlenga ngokushesha.

UMangena uthe amaphoyisa afike endaweni ahlenga umsolwa ngesikhathi umphakathi usuzomshaya umsola ngokwengeza usizi lokuhlala izinsuku ungenawo ugesi ngenxa yokwebiwa kwamakhebula.

Ube eseboshwa futhi ugadwe amaphoyisa esibhedlela. Umsolwa ubekwe icala lokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile, ukuzama ukweba kanye namanye amacala ahlobene nalokho. UMangena uthe bayakwamukela ukuboshwa komsolwa.

Uthe i-Riverpark nezindawo ezakhelene nayo ingenye yezindawo okuvame ukuntshontshwa kuzo amakhebuli nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kagesi.

“Okunye okuyimbangela ukuthi iningi lomphakathi osempumalanga yomfula i-Jukskei sekuphele cishe isonto lonke ungenawo ugesi,” kusho uMangena.

I-City Power ibilokhu ilwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda ebalulekile ezandleni zezigebengu kuzo zonke izifunda zedolobha.

Baqophe izigameko ezingu-25 zokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla kule mpelasonto edlule, kanti eziyisishiyagalombili zalezo zenzeke ngaphakathi edolobheni.

Esithombeni esingenhla: Isela lamakhebula kagesi 

Umthombo wesithombe: City Power/Isaac Mangena

Izihloko zakamuva