ULiebenberg ushiye izintambo enomlando omuhle

Linda Ximba

Umakadebona weziqu eziningi zesibhakela, uRyno “The Lion” Lienbenberg, uhlulwe ngamaphuzu ngesikhathi bedlala noFedor Chudinov, kodwa ababukeli base-Russia bamthandile ngokudlala ngesibindi.

Uhlulekile ukuthola ibhande le-WBA Interim Gold super-middleweight empini yesicoco e-Sibur Arena e-Saint Petersburg, e-Russia, ngempelasonto. Uziyele yena kwimbangi yakhe yase-Russia ngaphambi kokuba athunyelwe ezinsimbini ngemuva kochungechunge lwezibhakela zakwesokunxele ebezithola ekhanda emzuliswaneni weshumi.

OwaseNingizimu Afrika ululamile wabuya ngamandla, kodwa imbangi yakhe eneminyaka engama-33 ibisiyenze ngokwanele kweminye imizuliswano ukunqoba impi yokulwa noLiebenberg onamandla.

“Ngizinikele ngakho konke kodwa bekunganele. Sengiqedile ngesibhakela. Ngikujabulele ukuhlala kwami,” kusho umpetha manje osezogxila ebhizinisini lomndeni.

Uthatha umhlalaphansi ngokuziqhayisa ngerekhodi elihle lokuwina imidlalo engama-21 (ama-knockout ayi-14) nokuhlulwa okuyisikhombisa.

Eminyakeni yakhe eyi-11 engaphakathi eringini, uLiebenberg oneminyaka engama-37 ubudala uthathe i-IBO All Africa, i-Continental, i-WBC Silver, i-SA light-heavyweight, i-ABU, i-WBO All Africa ne-WBA Pan Africa super-middleweight.

Ngemuva kwempi yakhe noRowen Campbell e-Emperors Palace ngoNdasa kulo nyaka, umemezele ukuthi unikele ngale mali ezinhlanganweni ezisiza abasebenzela i-Gauteng.

Umthombo wesithombe: @JacarandaFM

Izihloko zakamuva