Ulibofuzo lwezindlovu lungavikela umdlavuza kubantu

Dylan Bettencourt

Kutholakale ukuthi izindlovu ziphethe izinhlobo eziningi zofuzo olulwa nomdlavuza kakhulu kunemizimba yabantu.

Umdlavuza ungenye yezimbangela zokushona kwabantu, okuyilapho izindlovu ngakolunye uhlangothi mancane kakhulu amathuba okuthi zibulawe yilesi sifo.

Amazinga okushona kwezindlovu ezinomdlavuza angu-5% kuphela, ngokusho kwe-The Times.

Olunye ufuzo olulwa nomdlavuza olubizwa nge-p53 noma olwaziwa kangcono ngokuthi i-gudian of genome”, lutholakala kuphela ezindaweni ezimbili ezihlukene emzimbeni womuntu.

Izindlovu okwamanje zinezinhlobo ezingu-40 ezihlukene zofuzo.

Ngokombiko oshicilelwe kwi-Molecular Biology and Evolution ufuzo lwendlovu lungaba ukhiye wokuvikela abantu kumdlavuza.

Abacwaningi bachaza ukuthi izindlovu zithwele kakhulu amaprotheni ahlukene alwa nomdlavuza. 

Lezi zibalo zishiye abacwaningi bebuza ukuthi imizimba emikhulu yezindlovu, ekhiqiza izinto ezikhulisa ingozi yomdlavuza ingasinda kanjani isikhathi eside kanje.

Inani elikhulayo lama-cells emzimbeni wendlovu lishiya ingozi ehluleka ukukhombisa i-DNA esuke isikhahlamezekile.

Iqembu labacwaningi e-Europe lithi ithimba labo lenze inqubekelaphambili ekuxazululeni indida kaPeto okuwukuhlobana phakathi kobukhulu bomzimba nobungozi bomdlavuza.

Umdlavuza uqanjwe njengembangela yokushona kwabantu ababalelwa ku-10 million ngo-2020 ngokusho kwe-World Health Organisation (WHO).

Ucwaningo luthole ukuthi ufuzo lokulwa nomdlavuza wendlovu nalo luhlukile ngokwesakhiwo kubantu okunikeza isilwane ithuba elikhudlwana lokuzivikela kumdlavuza.

“Leli ithuba elithokozisayo lokuqonda kwethu ukuthi i-p53 ibamba iqhaza kanjani ekuvimbeleni umdlavuza,” kusho uRobin Fahraeus, we-French National Institute of Health and Medical Research e-Paris, ongumbhali ngokubambisana kocwaningo. 

Umthombo wesithombe: @Treehugger

Izihloko zakamuva