ULewis Hamilton uhlukunyezwe ngokobuhlanga ngemuva kokuwina umjaho we-British GP

Dylan Bettencourt

ULewis Hamilton uthole ukugxekwa okukhulu ngemuva kokuwina kwakhe umjaho we-British Grand Prix ngeSonto, njengoba ukuphawula kwezemidlalo kuphenduke inkulumo enenzondo nokuhlukumeza ngokobuhlanga. 

Ngemuva kwemizuzwana kuqale umjaho, uHamilton noMax Verstappen bathintene ejikeni lokuqala elenze ukuthi uVerstappen ashayise udonga ngesivinini esiphezulu.

Lo mjaho ukhishelwe ikhadi elibomvu njengoba uVerstappen engakwazanga ukuqala phansi, kwathi uHamilton waqhubeka nokuwina lokho okubizwa ngokuthi “umjaho omkhulu kunayo yonke empilweni yakhe”.

Kodwa akuzange kuthathe isikhathi eside ngaphambi kokuba abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana basebenzise ukucwasa ngokobuhlanga, okuyisimo esaziwa ngabasubathi abaningi abavela emazweni angaphandle.

Abadlali abathathu bebhola baseNgilandi uMarcus Rashford, uJadon Sancho noBukayo Saka muva nje bebeyizisulu zokuhlukunyezwa ngokobuhlanga kulandela ukushawa kwe-England kwi-Euro 2020 ihlulwa i-Italy.

Ithimba le-FIA ne-Mercedes AMG F1 likhiphe isitatimende esihlangene esithi: “I-Fomula 1, i-FIA ne-Mercedes-AMG Petronas F1 Team bayakugxeka kakhulu lokhu kuziphatha. Laba bantu abanandawo kweyethi imidlalo futhi sinxusa ukuthi labo abenza lokho kumele baphendule ngezenzo zabo.”

UHamilton, namanje okuyisimanga ukuthi nguyena kuphela umshayeli ongomuntu omnyama ku-Formula One emlandweni, ube yizwi eliqinile ekulweni nokungalingani ngokobuhlanga. Usanda kukhipha okutholwe yiKhomishini kaHamilton ebichaza ngezinyathelo okufanele zithathwe ukwenza ngcono ukungalingani ku-Formula One.

Ngakusasa, i-Formula One ibe isimemezele ukuqeqeshwa, ukufundela umsebenzi kanye nemifundaze yalabo abanganakiwe.

Abakwa-Facebook abangabanikazi be-Instagram, bathe bayaluphenya lolu daba, kodwa umphakathi unomsebenzi omningi okusafanele uwenze ukuqeda usongo lokucwaswa kwabasubathi bezinhlanga.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva