ULesufi uphinde waqasha ezinye izinkulungwane zabantu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi ukhiphe izinkulungwane zezincwadi zomsebenzi wazinika abantu bakulesi sifundazwe abebegcwele enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville.

NgeSonto kube nenani elikhulu labantu enkundleni yezemidlalo e-Soweto, eGoli njengoba izinkulungwane zabafuna umsebenzi ku-Nasi Ispani bezihlangene zizokwamukela izincwadi zomsebenzi.

Intsha ethole umsebenzi engu-32 000 izosebenza njengabasizi bezemfundo, abasizi bezikole kanye nabasizi bokuthuthukiswa kwezingane ezisencane (ECD) ezikoleni zaseGoli.

Ngesikhathi ekhuluma nesixuku esijabule uLesufi uthe: “Nginimeme lapha ukuthi ngizokwabelana nani lezi zindaba ngoba abantu abaningi abaqondi ukuthi i-imeyili ayisheshi; izindaba ezinhle zabelwana ubuso nobuso ngisho noma ngabe kuphuzwa i-o’pop.”

Uphinde wagcizelela isitatimende sakhe sangaphambili sokuthi indlela asebenza ngayo mathupha bekuwukunqanda noma iyiphi inkohlakalo engenzeka ngezincwadi ezinikezwa abangani noma izihlobo zabanye abantu.

“Besingafuni ukukwenza nge-imeyili ngoba ama-imeyili angadunwa athunyelwe kubantu abangafanele. Sifuna ukukwenza lapha kubona wonke umuntu,” kusho uLesufi.

Nyakenye uLesufi wathembisa ukuthi uhulumeni wakhe uzoletha amathuba emisebenzi abalelwa ku-6 000 njalo ngenyanga kuze kube u-2024 ukuze kuliwe nenkohlakalo, ukuphulwa komthetho, ububha kanye nokuntuleka kwemisebenzi.

Lokhu sekungokwesithathu kunikezelwa ngezincwadi zomsebenzi emiphakathini kusukela nyakenye.

Kuze kube manje uLesufi usenikezele ngemisebenzi engu-92,577 entsheni engasebenzi eGoli, okuhlanganisa nabadume “ngelikamapanyaza” asebengene shi embuthweni kazwelonke wezokuvikela kuleli (i-SANDF) ukuze baqeqeshwe ngemuva kwezinyanga zokugxekwa kanye nokuhlehla kweziphathimandla zendawo kanye nezakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi ekhuluma nezinkulungwane zabathole umsebenzi ku-Nasi Ispani.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva