ULesufi udidwa eyokuxoshwa kwama-Panyaza engatsheliswe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukushuba kwesimo phakathi kukaNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi kanye noNksz Mbali Hlophe, onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ezoLimo, ukuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya nezeMvelo kwenza kucace ukuthi ngeke afakwe kwiKhabhinethi kaLesufi yesifundazwe. 

ULesufi ubengazi ukuthi enye yezinkontileka ze-Nasi iSpani esifundazweni inqanyuliwe.

NgoLwesibili, umnyango uthumele incwadi kulabo akade beqashiwe abangu-6,000 be-Green Army Expanded Public Works Programme kanye nenani elingaziwa lonogada bomgwaqo ithi izivumelwano zabo zenkontileka ziphelelwe yisikhathi ngomhlaka-31 kuNhlaba kulo nyaka.

I-Green Army ihlanza imvelo ngesikhathi abaqaphi bomgwaqo belwa nobugebengu obuncane.

Incwadi esayinwe iNhloko yoMnyango ebambile uKhululekile Mase ithe: “Akade beqashiwe babikelwe ukuthi bazokhokhelwa izinsuku ezisetshenziswe ngoNhlangulana. Kuzoba nokubambezeleka mayelana nokukhokhwa kwezibonelelo zangoNhlangulana ngenxa yezinqubo zokuphatha nezihlelekile okufanele zilandelwe ngemuva kokuphela kwesivumelwano senkontileka ngomhlaka-31 kuNhlaba.”

ULesufi osemkhankasweni wesifundazwe wokudala amathuba emisebenzi ayisigamu sesigidi, uthe ubengazi ukuthi izinkontileka seziphelile nokuthi zinqanyuliwe.

“Ngithuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ngibona le ncwadi ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyiqinisekisile, futhi kuye kwaqinisekiswa ukuthi iyimemorandamu efanele. UMnyango ube budedengu ukuthatha lesi sinqumo ngaphandle kokugunyazwa,” esho.

Abasondelene nehhovisi likaHlophe basola ukuthi kunokushuba kwesimo phakathi kwakhe noLesufi nokuthi ngeke abe yingxenye yoNgqongqoshe abasha uNdunankulu azobamemezela noma nini, uma nje ethola umyalelo ophuma ehhovisi le-ANC kuzwelonke.

Umthombo osondelene nalolu daba uthe emhlanganweni obubanjwe izinhloko zomnyango emasontweni amathathu edlule, izinhloko zidingide udaba lokushoda kwezimali zalezi zinhlelo zavumelana ngokuthi kunqanyulwe izinkontileka.

UNkululeko Dunga onguSihlalo we-EFF eGauteng, uthe kade kwaziswa umphakathi ukuthi izinhlelo ze-Nasi iSpani ziyisu elikhulu lezepolitiki okuhloswe ngalo ukukhohlisa abantu ukuthi bavotele i-ANC okhethweni lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva