ULesufi namaphoyisa angaqeqeshiwe ukulwa nobugebengu eGoli 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Okokuqala kuba umcimbi weziqu – bese kuba ukuqeqeshwa kwamaphoyisa asemsebenzini.

Leli isu elingajwayelekile likaNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi ojube elinye ibutho lamaphoyisa aqaphayo angu-2 000 emigwaqeni yaseGoli ngeSonto.

Uthembisa ukuqeqesha, ukuhlinzeka kanye nokuhlomisa umbutho wakhe – owaziwa ngokuthi “Amapanyaza” – ngesikhathi somsebenzi wawo. Leli iqeqebana lesibili ngemuva kokuthi amaphoyisa angu-4,000 athweswe iziqu ngoMbasa okwenza amaphoyisa afinyelela ku-6,000.

UNdunankulu uthe isifundazwe sesithenge izindiza ezinophephela emhlane eziyisithupha ukuze zisekele amaphoyisa aqapha ubugebengu emijondolo eminyene.

“Siyaziqhenya ngokusho ukuthi si-ode izindiza ezinophephela emhlane eziyisithupha kanti ezimbili zazo sezikhona. Lezi zindiza ezinophephela emhlane zizoba isisekelo sokulwa nezigebengu futhi ziqondise lapho okuhlala khona izigebengu. Sinihlinzeka ngobuchwepheshe obungcono kakhulu ekulweni nobugebengu,”  usho kanje ngesikhathi etshela amaphoyisa emcimbini weziqu enkundleni yezemidlalo i-Tsakane.

Kuzophinde kusetshenziswe ama-drones angaba ngu-180 ekulweni nobugebengu ukusesha kanye nokushaqwa kwempahla emalokishini nasemijondolo.

Kulindeleke ukuthi la maphoyisa ahlome ngezibhamu ezinkulu aqeqeshwe ngesikhathi esemsebenzini.

“Ngemuva kokuba siniqeqeshe, sininike izinsiza kanye nezibhamu ngeke kube nokwephulwa komthetho esifundazweni sethu.

“Lo mbutho uzoqeqeshwa, uzohlonyiswa futhi uzophinde wesekwe ukuze sibuyise ukuthula eGoli.”

ULesufi uthe la maphoyisa ayalelwe ukuthi angenelele odabeni oluqhubekayo lwemizila phakathi kwabashayeli bamatekisi nabama-Uber.

NgoLwesine olwedlule kushiswe izimoto ezintathu kwalimala ezine ngesikhathi abashayeli bamatekisi beshayisana nabashayeli be-e-hailing.

Khonamanjalo eKapa imeya uGeordin Hill-Lewis ukhulule amaphoyisa okuvikela izikhungo angu-200 ukuthi asebenze nophiko lukamasipala oluphendula ngokushesha, amaphoyisa kaMasipala, abezomgwaqo kanye nabakwa-SAPS.

Uthe lolu hlelo luzodla u-R112 million eminyakeni emithathu wathi luxhaswe ngohlelo olwandisiwe lwemisebenzi yomphakathi.

Izihloko zakamuva