ULerena uhlose ukulwela ibhande losondonzima

Lubhalwe nguLinda Ximba

Njengoba umshayisibhakela wakuleli uKevin Lerena esewine indondo yesiliva ye-WBC bridgerweight usebheke umklomelo omkhulu kunayo yonke – isicoco somhlaba sosondonzima.

Njengoba eseke waba umpetha we-SA kanye ne-IBO cruiserweight uLerena uphinde waveza ikhono lakhe ngokuwina ngesinqumo samaphuzu e-Emperors Palace ehlula owayengumpetha we-WBA heavyweight uRyad Merhy.

Evuma inselelo enzima imbangi yakhe emlethele yona uLerena ugcizelele ukuzimisela kwakhe ukutheni angahlulwa ngokulandelanayo.

Umzamo wakhe wangaphambilini wokubanga isicoco se-WBA heavyweight uphele ngokudumala ngesikhathi ebhekene nompetha waseNgilandi uDaniel Dubois ngoZibandlela odlule.

Uma ubheka okuzayo isithiyo esilandelayo endleleni kaLerena uLukasz Rozanski wase-Poland njengoba ezolwela ibhande le-WBC bridgerweight.

“Ngingathanda ukuthi le mpi yenzeke ekhaya futhi nginethemba eligcwele lokuthi uphromotha wami uRodney Berman uzokwenza konke okusemandleni ukuthi lokho kwenzeke,” kusho uLerena ozethembayo.

Kodwa-ke, uma impi ingenzeki kuleli uLerena usekulungele ukuya e-Poland ukuyofeza iphupho lakhe.

Ekhuluma ngezifiso zakhe lo mshayisibhakela (31) udalule isifiso sakhe sokuba umshayisibhakela wesibili wakuleli ukuphatha isicoco somhlaba sosondonzima.

“Ngaphambi kokuthi uphromotha wami athathe umhlalaphansi kulo mdlalo ngifuna ukumzuzela isicoco somhlaba se-heavyweight. Wabamba iqhaza elikhulu ngesikhathi uCorrie Sanders ehlula uWladimir Klitschko ngo-2003 nokuyinto eyenza uCorrie waba umpetha we-WBO heavyweight,” kusho uLerena.

“Ngiyakholwa ukuthi ngingalandela ezinyathelweni zakhe futhi ngenze uphromotha wami aziqhenye.

Engakhombisi ukwethuka ekuzimiseleni kwakhe uLerena uveze inhloso yakhe yokuvikela ibhande le-bridgerweight ngaphambi kokudlulela esigabeni se-heavyweight lapho ahlose khona ukubhekana nezihlabani ezinjengo-Oleksander Usyk ukuze aqinise indawo yakhe phakathi kwezingqwele zesibhakela.

Esithombeni esingenhla: UKevin Lerena

Umthombo wesithombe: Kevin Lerena Twitter page

Izihloko zakamuva