Ulengela eweni umfelandawonye weDA eNelson Mandela Bay 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izinto azicaci kahle kumfelandawonye we-DA ophethe iNelson Mandela Bay ngemuva kokuthi omunye wabalingani babo esabise ngokushiya phansi.

Lo mfelandawonye uphethe izihlalo ezingu-60 uma kuqhathaniswa nezingu-59 zomfelandawonye oholwa i-ANC.

Zibambene  phezulu e-Gqeberha.

Isihlalo esisodwa singabuyisela uMasipala onemali engu-R37 million ku-ANC owalahlekelwa yiyo ngoMandulo nyakenye ngevoti lokungathenjwa.

NgoMsombuluko ebusuku i-Northern Alliance (NA) ibone ukuthi igalelo layo ekuthuthukiseni isu lokucisha ugesi kuleli dolobha lishaywa indiva i-DA.

NgoLwesibili uMengameli we-NA kanye noSomlomo womkhandlu weNMB, uGary Van Niekerk uthe izinhloso zakhe zokushiya umfelandawonye zisukela ezinhlelweni zokuqhamuka namasu okuqeda ukucishwa kukagesi.

Kodwa amaqembu amakhulu kumfelandawonye we-DA awazange awalalele amasu akhe. 

“Ngemuva kwezithembiso eziningi ezingenalutho ezenziwa iMeya u-Retief Odendaal zokubhekana nesinye isixazululo sokucinywa kukagesi esilethwe i-Northern Alliance, asinakho okunye esingakwenza ngaphandle kokuyofuna ezinye izindlela lapho esizozwakala khona.

“Uma ukushiya lo mfelandawonye kusho ukuthi kukhona la okuzozwakala khona amasu ethu makube njalo,” kusho uVan Niekerk.

Iqembu elakhiwe ngamaqembu amancane ezombusazwe ayingxenye yohulumeni wobumbano kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay libe nomhlangano ngoLwesibili ukuze lithole ulwazi oluthe xaxa mayelana nokusatshiswa kwe-NA ngokuphuma.

USihlalo wale nhlangano, uBill Harrington we-Freedom Front Plus utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuhlanganwe ngoLwesibili futhi  kwakhishwa umyalelo wokuthi uVan Niekerk kufanele axoxisane nesiphakamiso sakhe nophiko lwedolobha lukagesi namandla.

“I-NA iveze ukuthi uma lolu daba lungasingathwa noma lungaphenywa ngokugcwele ukuze kube nesixazululo,bazohlaziya isimo sayo kulo mfelandawonye.”

UHarrington uphinde waqinisekisa ukuthi uhulumeni wobumbano oholwa i-DA usamile.

I-NA yeqa isuka kumfelandawonye oholwa i-ANC ngoMandulo, okuyisinyathelo esiholele ekutheni i-ANC ilahlekelwe amandla kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

Uma i-NA kufanele ilandele izinsongo zayo kusho ukuthi uhulumeni wobumbano oholwa i-DA okhona manje uzosala untekenteke njengoba unezihlalo ezingu-59 kuphela eMkhandlwini.

Esithombeni esingenhla: Isikhulu seMeya yaseNelson Mandela Bay namadlelandawonye aholwa i-DA.

Umthombo wesithombe: Ikhasi le-Facebook leNMB Executive Mayor

Izihloko zakamuva