Dylan Bettencourt
Umdidiyeli wohlelo i-Being Bonang, uLegend Manqele ukuchithile ukuphawula kukaBonang kokuthi isizini yokugcina yohlelo lwakhe ngeke isakazwe ngoba umkweleta imali yakhe.
“Sengithule ngalokhu isikhathi eside,” kusho uManqele, oyisikhulu esiphezulu senkampani yezokukhiqiza i-BarLeader.
“Angimkweleti lutho uBonang. Ukubona ama-tweets akhe mayelana nokuthi ngimukweleta imali akukhona nje ukuhlukumeza, kodwa ukukhipha ulwazi olungelona iqiniso.”
Uthe lolu hlelo ngeke lusakazwe ngenxa yezinga lawo elingelinhle.
Mhla zi-19 kuMbasa uBonang utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izinombolo zohlelo lwakhe azinakuqhathaniswa nanoma yiluphi uhlelo lwakumabonakude kuleli.
UBonang uthi i-BarLeader imkweleta imali yakhe futhi yingakho isizini yesithathu neyokugcina yohlelo lwakhe ingazange ikhishwe.
UManqele uthe wayekhona enoBonang kuzo zonke izikhathi ezinzima nezimbi zokushuthwa kohlelo
“Ukubona ama-tweets akhe ngami kungikhathaze kakhulu. Angiqondi ukuthi kungani efafaza amanga ngami.”
UBonang unqabile ukusho ukuthi ngabe i-Being Bonang izosakazwa yini uma kukhokhwa izikweletu okusolwa ukuthi uzikweletwa yinkampani ekhiqizayo.
Umthombo wesithombe: @Bonang_m