ULeBron James uqophe umlando .
NgeSonto eledlule lo msubathi ongusaziwayo uhole iqembu le-Los Angeles Lakers kwisicoco sompetha be-US National Basketball Association (NBA).
Usehole amaqembu amathathu kwizicoco ze-NBA futhi kuleminyaka engama-35 usezuze okungaphezu kwanoma ngubani osemlandweni we-basketball.
Kube muncu sebethola isicoco, ngoba uvele wakhumbula umngani wakhe obethandwa kakhulu uKobe Bryant, owashona engozini yendiza ngoMasingana.
Ngezindlela eziningi uJames akasagxilile kwi-basketball.
Wasungula isikole futhi uhlezi ebambe iqhaza kuso. Ubesebenza emkhankasweni wokuthi abantu abamnyama balwele amalungelo abo okuvota.
“Ukuhamba kwami, indlela engiziphatha ngayo, engikushumayelayo, engikhuluma ngakho, nokuthi ngikhuthaza kanjani isizukulwane esilandelayo yikhona okubaluleke kakhulu kimi.
“Ngicabanga ukuthi nawe ungasho njengomculi uFrank Sinatra owathi, ngikwenze ngendlela yami.”