ULati uzimisele ukuphakamisela ifulegi lakuleli phezulu

Moyahabo Mabeba

Isihlabani somdanso i-Dancesport esidabuka e-Limpopo, uMolatelo Mahapaihlabani sizibophezele ekutheni sidume umhlaba wonke.

Ukukhethwa kwakhe kwakamuva yi-World Dance Sport Presidium njengo sihlalo wokuqala ngqa weKhomishana yokuLingana kanye nokuzakhela udumo, kukhombise ukuthi uyingqalabutho kwezemidlalo.

“ULati”, njengoba aziwa kanjalo, uyena impela  ofaneleke ukumela imidlalo yokudansa ezingeni lamazwe ngamazwe ngaphambi kweMidlalo yama-Olympics ka-2024.

Wazalelwa e-Solomondale ngaphandle kwase-Polokwane futhi uyisekela likasihlalo lokuqala kwi-Capricorn Sports Confederation.

Umdlalo womdanso we-Latin, i-Ballroom, i-Cha Cha Cha, i-Hip hop ne-freestyle enezici ze-athletic ubulokhu ujabulisa ibutho  labalandeli bawo eminyakeni edlule.

ULati uthe uzophakamisela ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu ngenhloso yokugqugquzela ukufukulwa kwabesifazane.

“Ngajabula ngesikhathi ngiqokwa  kulesi sikhundla. Umsebenzi wami omkhulu kuzoba ukuhlinzeka ngomhlahlandlela nenqubomgomo yokubeka indlela eya phambili esikhundleni sikaMengameli. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi abesifazane bayathuthukiswa futhi ngiqinisekise ukuthi abacwaswa,” esho.

UCraig Bullock, uMqondisi Wezokuthuthukiswa kwe-DanceSport South Africa, uthe “uLati unobuhlakani njengoba ephuma kwezomthetho futhi uyaluqonda udaba lwezinguquko kanye nenqubomgomo.

“Ubelokhu egijima kusukela emazingeni aphansi e-Limpopo kwaze kwaba kuzwelonke futhi asingabazi ukuthi uzosimela kahle ezingeni lomhlaba.”

Kusukela esemncane, uLati ukhombise ukukhalipha njengomdansi futhi useke waqeqesha nabaqeqeshi bemidlalo yokudansa.

Okugqame kakhulu empilweni yakhe yingesikhathi emele iNingizimu Afrika e-Italy kuma-World Championships ngo-2008.

Ngenkathi ebuya eZweni lase-Italy, uLati wabekwa endaweni yesi-14 ngemuva kokuncintisana nezithandani ezingu-48 ezivela emazweni ahlukene okuhlanganisa i-Italy, i-Russia, iJalimane ne-Israel.

Ungumfundi weqiniso wezemidlalo yokudansa, futhi unguMqondisi Wezindaba Zamazwe Ngamazwe, obhekele zonke izindaba zomhlaba wonke womfelandawonye. Le ndima ibandakanya ukuqapha kanye nokukala izinga langaphakathi labasubathi bomdanso.

Izihloko zakamuva