Dylan Bettencourt
Uma umzukulu kaKipchoge Keino wase-Kenya egijima ku-triathlon kuma-Commonwealth Games kulindeleke ukuthi kube khona indondo yegolide engaphezu kweyodwa.
UJoseph Okal uhlose ukugijima ezinyathelweni zikayisemkhulu emidlalweni yase-Birmingham e-England.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala naye uzobe ethwele amathemba ase-Kenya.
“Umkhulu wami uyangigqugquzela ukuthi ngenze izinto ezinhle,” kusho u-Okal etshela i-BBC Sport Africa.
UKipchoge ongumsubathi wase-Afrika wathola indondo yegolide ku-1,500m kuma-olimpiki ayese-Mexico City ngonyaka ka-1968. Ngemuva kweminyaka emine wawina indondo yegolide ka-3,000m kwi-steeplechase e-Munich, e-Germany.
Ngaphambi kokufuna indondo yegolide kuma-olimpiki uKeino wephule amarekhodi omhlaba ku-3,000m naku-5,000m ngo-1965.
Ngezindondo zesiliva ezimbili zama-olimpiki kanye nezindondo zegolide ezintathu ze-Commonwealth lo wesilisa oneminyaka engu-82 wafundisa umzukulu wakhe iqhinga lokuwina imidlalo.
“Isifundo esikhulu angifundise sona esokucabanga ukuthi noma ngabe uphumaphi, noma ngabe abantu bakubukela phansi kanjani, kumele ugxile kuwena kuphela,” kusho u-Okal.
“Wanginikeza iseluleko sokuthi ngivele ngenze konke okusemandleni ami kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.
Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani phakathi nomjaho wathi angiphushe ngize ngiqede.”
Kodwa mhlawumbe impumelelo enkulu kaKeino ukuba umamukeli wokuqala we-laurel yama-olimpiki enikezwe umuntu ovelele ngezimpumelelo zakhe kwezemfundo, isiko, intuthuko nokuthula ngezemidlalo”.
U-Okal uthe umkhulu wakhe ujabule kakhulu ukuzwa ukuthi ukwazile ukungena kule midlalo.
“Ngizwa kuthiwa ubefonela omakhelwane bakhe ebatshela ukuthi umzukulu wami ungenile kuma-Commonwealth’,” kusho lo msubathi.
UKeino uzobukela umzukulu wakhe ezama ukuba ngowokuqala wase-Kenya ukuqeda umcimbi we-triathlon eminyakeni eyisishiyagalombili kamuva.
U-Okal uthe “ngifuna ukukhombisa umhlaba ukuthi lolu hlangothi lwase-Afrika luyakwazi ukubhukuda, ukugijima nokudlala amabhayisikili. Ngiyazi ukuthi nginekhono futhi nginakho konke okudingekayo ukuze nginqobe.”
Umthombo wesithombe: @Nanjero_