Ulaliswe esibhedlela umfundi owenza u-Grade 3 ngemuva kokuhlukunyezwa iziqhwaga zasesikoleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abafundi abathathu base-Geluksdal Primary School Two basebenzisa induku ukuphoqa intambo nopulasitiki esithweni sangasese sentombazane efunda u-Grade 3.

Isisulu silaliswe esibhedlela isonto lonke siyokhishwa izinto kanti manje sesinamaphupho amabi futhi Asifuni ukubuyela esikoleni.

Umama ophelelwe yithemba ulwela ubulungisa ngemuva kokuba iziqhwaga ezintathu zase-Geluksdal Primary School Two zihlasele indodakazi yakhe efunda u-Grade 3 ngokuyifaka izinto esithweni sayo sangasese.

Lokhu kuhlasela kushiye le ntombazanyana isezinhlungwini ezinzima futhi ingakwazi nokuya endlini yangasese, yalaliswa isonto lonke esibhedlela.

Unina elingeke lidalulwe igama ukuvikela ingane yakhe, uthe abafundi abathathu, abafana ababili nentombazane eyodwa, basebenzise induku ukufaka indodakazi yakhe intambo nopulastiki omnyama esithweni sayo sangasese.

Ngesikhathi indodakazi yakhe ibuya esikoleni, yakhononda ngobuhlungu obungasemuva.

“Ngithe uma ngimbheka kwaphuma indwangu efana nentambo neshidi elimnyama, ezwa izinhlungu ezama ukuhlala phansi, ngiphuthume ngamphuthumisa emtholampilo wendawo, bambheka base bemthumela esibhedlela iPholosong ukuze athole ukwelashwa okwengeziwe. Uhlale isonto lonke esibhedlela lapho kukhishwe khona izingxenye zezinto,” kusho yena.

Isisulu sithi lo mfundi wentombazane sekunesikhathi ehlukumeza futhi bemgcona ngamehlo akhe.

Umama uthe ngesikhathi ebikela uthishomkhulu, wabuzwa ukuthi kungani umfundi wahluleka ukutshela uthisha wakhe ngalolu suku.

“Ngabuzwa ukuthi kungani engazange amemeze ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, esikhundleni sokuthi isikole siqale uphenyo ngalolu daba.

“Sizamile ukumtholela ukwelulekwa ngokwengqondo emtholampilo wendawo, kodwa bamnikeza usuku lukaNcwaba, uMnyango wezeMfundo awukamniki lutho,” kusho umama.

Umama wazama ukuvula icala lobugebengu esiteshini samaphoyisa eTsakani, kodwa amaphoyisa alubhala phansi udaba njengoba abasolwa besebancane.

“Engikufunayo ukuthi abafundi abathintekayo baziphendulele nokuthi isikole sibhekane nobuxhwanguxhwangu njengoba kuke kwaba namanye amacala phambilini,” usho kanje.

Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezeMfundo e-Gauteng ayiphumelelanga.

Esithombeni esingenhla: Isisulu nonina.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva