Sizwe Sibiya
Ngokujabula okukhulu, owawina umncintiswano wonobuhle waseNingizimu Afrika kulo nyaka uLalela Mswane wabelane ngezithombe zakhe efika e-Israel emqhudelwaneni waminyaka yonke ka-Miss Universe owaqalwa eminyakeni engama-70 edlule.
“Ngikulungele futhi ngizimisele! Ngibonga kakhulu ngaleli thuba lokumela izwe lami esiteji @missuniverse,” uMswane ubhale esithombeni sakhe sokuqala.
Ephethe ifulegi laseNingizimu Afrika, uMswane ukwazile ukufika kwa-Israel ngesikhathi iziphathimandla zisathatha isinqumo sokuvala imingcele yazo ngenxa yohlobo olusha lwe-Omicron lwe-Covid-19 olutholwe okokuqala eNingizimu Afrika ngesonto eledlule.
I-Israel ibivele ikuvimbile ukuhamba emazweni amaningi ase-Afrika kubandakanya neNingizimu Afrika ngemuva kokutholakala kwabanye abantu abane-Covid.
UMswane bambize njengomuntu onesibindi ngemuva kokujabulela ukuxhaswa ngabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ngokuziba zonke izinkulumo zokuduba lo mcimbi wodumo.
Phambilini uhulumeni uke waba nezingxoxo zokumiswa kwalo mcimbi ngenxa yempatho kahulumeni wakwa-Israel kubantu base-Palestine.
Khonamanjalo, uhulumeni wakwa-Israel ubeke ukuvalwa kwesikhashana kubo bonke abahambi bamazwe ngamazwe abangena ezweni “ukuqapha igciwane elisha,” ngokusho kwezindaba zendawo zakwa-Israel. Ukuvinjelwa kuzohlala amasonto amabili, kusukela phakathi kwamabili ngeSonto.
Umncintiswano weminyaka engama-70 kaMiss Universe usengozini yokuhlehliswa, kodwa kuzoya ngokuthi igciwane elisha elihlukile lisabalala ngokushesha kangakanani emhlabeni wonke. Njengamanje lo mncintiswano uhlelelwe umhla ziyi-13 kuZibandlela e-Eilat, edolobheni lokuvakasha elaziwayo eningizimu ye-Israel.
Umthombo wesithombe: Instagram