Celani Sikhakhane
Umakadebona womculi ophinde abe ngumdidiyeli wezingoma uChicco Twala uboshiwe ngemuva kokukhomba ochwepheshe be-City Power ngesibhamu ngeSonto ebusuku.
UTwala ubengaphandle kwendawo yakhe yokuqopha e-Bloubosrand enyakatho yeGoli ngesikhathi kufika ochwepheshe bezobhekana nesikhalo sokunqanyulwa kukagesi.
Lo mculi ukhombe labantu ngesibhamu sakhe ngaphambi kokubashaya ngokusho kwaloyo okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ukhombe abasebenzi be-City Power ngesibhamu, wabaklinya wabashaya ngezimpama kanye nezibhakela,” kusho uMangena.
Emuva kokuboshwa kwakhe uTwala ukhiphe isitatimende ejele ethi ukholelwa ukuthi ukuboshwa kwakhe kuyisibusiso njengoba ephikisana nezinsolo zokuthi uyathinteka ekubulaweni kukaSenzo Meyiwa ngonyaka ka-2014.
“Ekugcineni ngiboshiwe ngokukhomba abesilisa ababili engangicabanga ukuthi amasela acisha ugesi endaweni yami yokuqopha ngesikhathi ngibakhomba ngesibhamu,” ebhale kwi-sms ngoMsombuluko.
“Kumina ukuboshwa kwami kuwukunqoba kanye nokwehlula bonke abantu ababi abangiveza njenge-Mafia futhi abasola mina ngembangela yokubulawa kukaSenzo Meyiwa,” kusho uTwala.
UTwala uke wasolwa ngokuvikela indodana yakhe uLongwe Twala oke wabhekana necala lokudubula emzini kaKelly Khumalo e-Volsoorus ngobusuku okwabulawa ngabo uMeyiwa.
Lezi zinsolo zivezwe ngamaphoyisa okuqala asebenza kuleli cala. Womabili la maphoyisa abuye asuswa kuleli cala elinye lasula kwa-SAPS.
“Ukuboshwa kwami kuwubufakazi bokuthi angikho ngaphezu komthetho futhi ngingaboshwa uma kukhona umuntu ongivulele amacala,” kubhala uTwala encwadini yakhe ende.
“Abangizondayo ezinkundleni zokuxhumana bathi ngagwazela amajaji, amaphoyisa okubalwa noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele engingamazi okuthiwa ngamugwazela ukuvikela indodana yami esolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa.
“Ngithumela umqhafazo esitokisini sami njengoba sikhuluma ngilinde abammeli bami ukuthi bangikhiphe ngebheyili, kodwa ngiyajabula ukuthi sekwenzekile lokhu. Kwabangizondayo jabulani nibungaze ngokuboshwa kwami.”