Ulaka ngokugasela kukaCele ekilabhini yasebusuku

Everson Luhanga

Abanikazi bekilabhu yasebusuku i-Blackdoor e-Sandton bathi bebevele bevalile ngoMgqibelo ebusuku ngenkathi kungena ibutho lezomthetho.

Ukugasela okukhulu kulendawo yokuhlala ethandwayo bekubhekwe ngungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uqobo.

Amakhasimende amaningi akhishwa ngaphandle kokukhokha futhi kwathathwa nenqwaba yotshwala .

Ngaphandle kukaCele, bekukhona noKhomishani wesifundazwe sase-Gauteng u-Lieutenant General uElias Mawela neMeya yoMkhandlu waseGoli uJeff Makhubo.

Abanikazi bekilabhu batshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi basebenzela ukubuyisa utshwala obuthathiwe kanye nesinxephezelo nalokhu abakulahlekelwe abalinganisela ukuthi kungaphezulu kwemali eyisigidi esiyi-R1,5.

Umphathi wakwa-Blackdoor, uDavies Bassey, uthe lokhu kugasela akulimazanga ikilabhu nje kuphela kodwa nemindeni yabantu abangaphezu kwekhulu abathembele kulo ukuthola umsebenzi.

UBassey uthe amaphoyisa asebenza nabantu abanomona “abangafuni ukuthi abantu abamnyama bese-Afrika baphumelele edolobheni elicebe kakhulu e-Afrika i-Sandton.”

UBassey uthe ngokwakhe utshele  uDJ ukuthi acishe umculo ngaphambi kwehora le-11.

“Sinobufakazi bevidiyo bokuthi besingasebenzi ngemuva kwalokho.

“Kodwa asikwazanga ukuxosha abantu abebesaqedela iziphuzo zabo. Besilinde ukuthi wonke umuntu ashiye indawo yethu ukuze sikwazi ukuvala iminyango yethu,” uyasho.

Ngenkathi kufika iqembu lakwa-Scrolla.Africa ikilabhu ibingamanxiwa, kunamabhodlela aphukile, abahlanzeki abanencindezi nabanikazi abanenhliziyo ebuhlungu.

Okhulumela umnyango wamaphoyisa ase-Johannesburg Metropolitan Police (JMPD) uXolani Fihla uthe amaphoyisa abelokhu ethola izikhalazo ngale kilabhu kodwa enqatshelwa ukungena.

“Ukugasela izolo ebusuku akunikanga abanikazi bekilabhu enye indlela ngaphandle kokuvula umnyango wabo.”

Izihloko zakamuva