Ulaka izakhamizi zishaqa amakhonteyina ayizitolo zabaphuma ngaphandle

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi za-KwaThema e-East Rand zisemkhankasweni wokususa unomphela wonke ama-tuckshop aphethwe ngabaqhamuka emazweni angaphandle kuleli lokishi.

NgoLwesine baqashe iloli elikhulu elithwala impahla esindayo ukuthi lisuse wonke amakhonteyina abadayisela kuwo.

Lokhu kuvele ngemva kokuba izakhamizi zithole ukuthi abanikazi bezitolo abaxoshiwe kuleli lokishi kubikwa ukuthi bahlose ukubuya.

Umkhankaso wezakhamizi wokulwisana nabanikazi bezitolo abaqhamuka emazweni angaphandle uqale ezinyangeni ezine ezedlule ngemva kokutholakala kwezimpahla ezibolile nokudla komgunyathi kwezinye izitolo okudayiselwa umphakathi.

Kunemibiko yokuthi ezinye izakhamizi zagula ngemuva kokudla ukudla okuthengwe ema-tuckshop.

Ekhuluma nabe-Scrolla.Africa oyilungu lomphakathi uTshepo Mwelase, uthe izakhamizi zaphumelela ukususa abanikazi bezitolo endaweni yangakubo ngoZibandlela, kodwa basanda kuthola ukuthi sebehlela ukubuya.

“Sinqume ukusebenzisa lesi sinyathelo unomphela ukuqinisekisa ukuthi ababuyi.

“Sizimisele ngalokhu; asifuni ukuthi babuyele kulo mphakathi,” kusho uTshepo, wengeza ngokuthi izakhamizi ngeke zivumele ngisho abantu bendawo abahlela ukusebenzisa izitolo kula makhonteyina ukuthi bathathe izintambo.

“Siyazi ukuthi sinabahlali abazovula izitolo bemele abokufika,” usho kanje.

Amakhonteyina abezolahlwa eNdaba Tree Park ngethemba lokuthi umasipala wase-Kurhuleni uzowalahla yena.

Laba bahlali bathathe isinqumo sokuwasusa la makhonteyina ngemuva kombhikisho wequlu labanikazi bezitolo abavela emazweni angaphandle bekhala ngesenzo sabahlali baKwaThema e-Fordsburg Plaza ngoLwesithathu.

Isakhamuzi uTebogo Makgalemele uthe wakhetha ukususa ikhonteyina esendaweni yakhe eyayisetshenziswa ngomunye wabokufika wayoyidayisa e-scrapyard.

“Ngiyaweseka lo mkhankaso – siyimndeni nomphakathi asihlomuli ngalama-tuckshop.

 “Bekumele basikhokhele u-R2 800 nyanga zonke kodwa savunyelwa ukuthi sithathe ukudla esitolo ngemali elingene le. Basangikweleta u-R8,400 wonyaka wokugcina ikhonteyina.

“Abenzi lutho ukuthuthukisa leli gceke noma banikele kwezinye zezinhlelo zomphakathi kodwa sithenga kubona,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: I-Tuckshop ephethwe abantu abavela emazweni angaphandle. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva