ULady Zamar ukhwele wadilika kwabamzondayo

Lubhalwe nguZukile Majova

ULady Zamar ungundabamlonyeni kuleli- kodwa kungenxa yezizathu ezingalungile.

Lo mculi odumile wengoma ethi-Collide usole isihlabani se-hip hop uSjava ngokumhlukumeza ngokocansi nokudlwengula ngemuva kokuchitha ubusuku ehhotela e-Limpopo ngo-2017. Umqondisi wezokushushiswa komphakathi wenqaba ukushushisa futhi wavala idokodo mhla zinhlanu kuLwezi nyakenye.

Kusukela lapho abalandeli bebemhlasela ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene bemsola ngokuzama ukucekela phansi umsebenzi kaSjava.

USjava uyindoda eshadile futhi abalandeli baphinde basola uLady Zamar ngokuba umakhwapheni.

NgeSonto uthululele inhliziyo yakhe kwabamuzondayo nge-tweet ende.

“Yini kodwa ningizonda kangaka? Kwenzeke kanjani ukuthi ngibe isisulu esilula kangaka kini?

“Nina aningazi noma indaba yami yonke futhi anazi ukuthi kungani ngithule isikhathi eside … nina anazi ngempela ukuthi nimuphatha kabi kanjani umuntu,” esho.

Uqhube wathi uma ekhuluma iqiniso abantu bayamhlasela.

“Ngemuva kokuthi nibhale amazwana amabi kakhulu yini enithemba ukuyizuza ngakho … yisiphi isenzo esinganenelisa bafwethu?” ebuza.

“Ngicela ningisize lapha. Ngabe ngingakwazi ukuqhubeka nempilo yami noma kufanele ngiqhubeke nokuxolisa ngokuzama konke okusemandleni ami ukuqhubeka nempilo yami… “

Uphethe ngombuzo onzima.

“Nifuna ngizibulale, nifuna ngishone, ngibulawe noma ngiye ejele ukuze nginijabulise… Nifuna ngiyeke ukwenza umculo noma ngikhale esidlangalaleni ukuze nibone ukuthi ngizizwa kanjani ngalokho enikwenza kimi? Ngicela ningitshele.”

Esithombeni esingenhla: ULady Zamar enamdisa e-Loftus Versveld emdlalweni wokuvula isizini phakathi kwamaBhokobhoko ne-Aussies

Umthombo wesithombe: Lady Zamar

Izihloko zakamuva