Sizwe Sibiya
Njengoba ekuqaleni enqatshelwe ukungena kwi-akhawunti yakhe esemthethweni ye-VEVO YouTube eqanjwe ngaye ne-albhamu yakhe yesibili ethi-‘KwestaDaKAR’, umrepha uKwesta ugcine eyibuyisile i-akhawunti yakhe.
Ukubungaza, ukhiphe ividiyo yakhe yomculo yesibili – ethi Kubo – kwi-albhamu yakhe yesine, i-g.o.d Guluva.
UKwesta, oseke wacula nabaculi baphesheya be-hip hop abahamba phambili emhlabeni abafana noRick Ross noWale ezingomeni zakhe, ukhiphe le vidiyo yomculo ngoLwesihlanu ngale akhawunti.
Lokhu kunikeza isithombe sokuthi imenenja yomculi nomdidiyeli womculo uNota, nenkampani yakhe i-Urbantainment, banikeze uKwesta ilungelo lokushicilela kwi-akhawunti.
Lo mculi oneminyaka engama-32 ubudala wase-Katlehong e-Gauteng uveze kwi-MacG’s Podcast ukuthi i-akhawunti yakwa-YouTube – enababukeli abangaphezu kwabayizi-190K – iphethwe ngumphathi wakhe uNota owenqabile ukumnikeza imininingwane yokungena ngemuva kokuthi behlukane.
Ngemuva kwezinsuku ezine iKubo – equkethe abaculi be-rap uK.O, uFocalistic kanye nomculi uBassie futhi okuyiculo elenziwe ngethonya elijulile le-Kwaito naMapiano – ikwazile ukufinyelela ekubukweni ngabantu abangaphezu kwabayizi-130,000.
Khonamanjalo, enye ingoma yakhe ethi-Fire in the Ghetto – ihlezi ekubukweni okungaphezudlwana kokuyizi-146,000 ngemuva kwezinyanga ezintathu ikhishiwe, nabalandeli abangaphansi kwabayizi-10,000 kwi-akhawunti ye-OfficialKwesta.
Umthombo wevidiyo: i-YouTube