Lungani Zungu
UJacob Zuma wake wasekwa kakhulu yi-ANC, ikakhulukazi esifundazweni sakubo iKwaZulu-Natali.
Manje kubonakala sengathi ukubambelela okuqinile nokwesekwa abekade enakho kuphelile.
NgoMsombuluko, lowo owayengumengameli uvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngecala lenkohlakalo nokukhwabanisa kwezikhali, kodwa icala lahlehliselwa umhla zingama-26 kuNhlaba.
Phambilini uma evele enkantolo ubejwayele ukwesekwa yiningi, kodwa kulokhu izinombolo zabalandeli enkantolo bezincane.
Ngisho umsekeli wakhe wokuqina, u-Ace Magashule ongunobhala-jikelele we-ANC omisiwe, ubebona ukuthi ukwesekwa kukaZuma kuyehla.
“Uma sibuya lapha mhla zingama-26 kuNhlaba, ngizofika ne-Free State yonke,” kusho uMagashule ngenkathi ekhuluma nesixuku ngaphandle kwenkantolo.
USihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala kanye noNobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli babhuqwe ngomsindo ngesikhathi besukuma bezokhuluma nesixuku.
Abasekeli abathembekile bakaZuma bezwakale bebhekisa kuye njengomdayisi ngesikhathi ekhuluma ngaphandle kwenkantolo.
Bebekholelwa ekutheni abaholi be-ANC ababenamandla kakhulu esifundazweni sebeguqukile bathembela kuRamaphosa.
Ithimba elisha labammeli bakaZuma, eliholwa ngummeli uThabani Masuku, linxenxe umshushisi woMbuso uBilly Downer ukuba ahoxe kuleli cala.
UMasuku uthe bazoqhubeka necala.
USipho Ngwema, okhulumela i-National Prosecuting Authority, utshele abezindaba ukuthi umbuso ukulungele ukuqhubeka nokuqulwa kwecala.
Uthe banofakazi abangaphezu kwama-200 abazofakazela icala lombuso.
U-Advocate Barry Roux, ongummeli wabasolwa noZuma inkampani yezikhali yase-France i-Thales, utshele inkantolo ukuthi bakulungele ukuqhubeka nokuqulwa kwecala.
UZuma utshele abalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo ukuthi uzolwa nezinhlaka zezobulungiswa uma ephathwa ngendlela engafanele.
Abalandeli bakhe bebemjabulela ngesikhathi efunga ukuthi uzolwa nohlelo lwezobulungiswa enza kuso isifungo sokulwelwa, ukuvikela nokuhlonipha ngesikhathi eqokwa njengomengameli.
UZuma ubekwe enkabeni yokutholakala kwamasu okuvikela ezempi ngowezi-1999, ebizwa nge-Arms Deal.
Kusolwa ukuthi wayegwazisa imali engaphezu kwezi-R500,000 ngonyaka.
Umeluleki wakhe wezimali owake waba yisitha uSchabir Shaik, wayengungqondongqondo ekugwazeni kwemali
UShaik watholakala enecala lenkohlakalo wagwetshwa iminyaka engaphezu kweyi-15 ebhadla ejele, wadedelwa ngoNdasa ngiwezi-2009.
Umthombo wesithombe: @PresJGZuma