Judas Sekwela
Ngemuva kweminyaka emithathu, uMalebo Dikotla uzokwazi ukwenza isiko lokugcina umphefumulo wendodana yakhe ukuze ikwazi ukuphumula ngokuthula.
Unikezwe imvume yokwenza umcimbi wendabuko lapho kusetshenziswa khona ihlahla ukuthatha umphefumulo womuntu ongashonanga ngezifo zemvelo. Usana lwakhe oluncane lusemakhazeni esibhedlela i-Mankweng e-Polokwane.
UMalebo, wase-Mamadimo Park ngaphandle kwase-Polokwane, washonelwa ingane yomfana ngoNdasa ngowe-2018 ngemuva nje kokubeletha.
Eminyakeni emithathu eyedlule, ubelwela ukulanda isidumbu sendodana yakhe emakhazeni.
Amathambo engane abegcinwe emakhazeni kahulumeni ukuze kuhlolwe isidumbu kanye nolibo fuzo. Ngaleso sikhathi, umndeni wawusola ukuthi ukushona kwengane kungenzeka ukuthi kwakudalwe umjovo uMalebo awuthola ngesikhathi engeniswa esibhedlela.
Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ibuye njengengacaciswanga ngoba isidumbu besisesimeni esedlulele sokubola.
UMalebo uthe usekhululekile manje njengoba ingane yakhe ekugcineni izophumula ngokuthula. Uthe unethemba lokuthi uzoba nokuthula futhi angabi namaphupho amabi.
Ubaba kaMalebo, uDavid uthe: “Nathi sizohlanzwa. Ifu elimnyama lizosuka emndenini wami. Sikholwa wukuthi umfana uzophumula ngokuthula kanye namadlozi.”
UDavid utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebengakwazi ukuya emingcwabeni nakweminye imibuthano ngoba ingane ibingangcwatshiwe.
Umndeni umatasa uhlela umngcwabo ozoba khona maduze.
UMalebo uthe uzokwazi ukuqhubeka nempilo yakhe.
“Impilo yami izobuyela esimeni sayo esejwayelekile, uma sengazi ukuthi ngiyingcwabile indodana yami nokuth likuphi ithuna lakhe,” kusho yena.
Isidumbu sengane sisemakhazeni kahulumeni e-Polokwane futhi sizothathwa siyofihlwa uma sekuphothuliwe amalungiselelo omngcwabo.