Ukwebiwa kwemfuyo kusolwa ukuthi kuhlangene nokubulawa kwemindeni emibili 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusolwa iqembu lokwebiwa kwempahla, ikakhulukazi imfuyo, njengembangela yokubulawa komndeni wakwaNdaba nowakwaMazibuko e-Escourt, KwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa ababoshiwe kukholakala ukuthi bayathinteka emacaleni okweba impahla nawokubulala.

Uthe uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwabasolwa abahlanu abathinteka esigamekweni sokudubula esenzeka eNyezane eMangwe ngeSonto ngomhlaka-27 kuMfumfu. 

“Kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu kwathi owesithupha wadutshulwa walimala ngesikhathi sesigameko,” kusho uNetshiunda. 

NgoMsombuluko ntambama, umkhankaso obuholwa ngamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence kanye no-Operation Vala Umgodi uvundulule lapho abasolwa bebhace khona e-Acaciaville eMnambithi. Kuboshwe amadoda amahlanu atholwe ecashe egunjini. 

Batholakale nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47 nezinhlamvu ezingu-115, izibhamu ezimbili ezinezinhlamvu ezingu-12, nesibhamu esibizwa nge-38 special revolver sinezinhlamvu. Kuphinde kwatholakala imoto abebeyisebenzisile ngesikhathi bebalekela ubugebengu babo.

Esinye sezibhamu ezitholiwe ngesowesilisa obulawe ngesikhathi kudutshulwa abantu abaningi ngeSonto. Uphenyo luphinde lwaholela amaphoyisa emzini oseZakheni lapho kutholwe khona esinye isibhamu. Izibhamu ezitholiwe zizoyiswa kohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azihlangene yini nobunye ubugebengu esifundazweni nasezindaweni ezizungezile.

UNetshiunda uthe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-46 bazovela eNkantolo yeMantshi yaseLadysmith maduze ngamacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Bazobe sebeyiswa e-Estcourt ukuyobhekana namacala amaningi okubulala.

Umsolwa wesithupha, (28) oboshwe ngeSonto, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Estcourt ngoLwesibili ngamacala okubulala.

Isibhicongo sakwaMazibuko noNdaba sishaqise isizwe.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uvakashele imindeni ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo. 

Isigameko sokubulala senzeke ngeSonto ngesikhathi kunomcimbi wesintu lapho iqulu lamadoda ligasele khona lavulela ngenhlamvu libhekise emindenini.

Abashonile kuthiwa bangamalungu enhlangano elwa nobugebengu obenziwa kule ndawo.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli kanye noGeneral weSAPS KZN uNhlanhla Mkhwanazi bavakashele umndeni wakwaNdaba nowakwaMazibuko ngemuva kwesibhicongo sangeSonto. 

Umthombo wesithombe: Zandile Shange /Ihhovisi likaNdunankulu

Izihloko zakamuva