Dylan Bettencourt
Kuyathusa okutholwe ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwe ngemidlalo yokushaya isibhakela njengoba kutholakale ukuthi imidlalo eyisikhombisa kuyela kweyishumi edlalwe e-Rion ngonyaka wezi-2016 kwakudlalwa ngamehlo abantu.
Umdlalo wokushaya isibhakela phakathi kukaMichael Conlan kanye noVladmir Nikitin kwaba namahlebezi ngonyaka wezi-2016, ngesikhathi uConlam ehlulwa ngemuva kwesinqumo esashesha ukuthathwa ngesikhathi sebekwikota kowamanqamu lapho abaningi base bevele bekholelwa ukuthi uyena ozowina.
USolwazi uRichard McLaren, owabheka izinsolo ezazibekiwe mayelana ne-Russia Federation ngonyaka wezi-2016, uzoveza eminye imininingwane ngokwenzeka emidlalweni wokushaya isibhakela wama-olimpiki angonyaka wezi-2016 esikhathini sempelasonto kwinkomfa yabezindaba.
UMcLaren neqembu lakhe sebechithe izinyanga ezintathu bebheka ukuthi abukho yini ubugebengu obasetshenziswa ngesikhathi kuphuma isinqumo ngemuva kwesicelo esenziwa i-AIBA, isigungu esilawula imidlalo yesibhakela.
Izinsolo ngendlela amajaji akhipha ngayo isinqumo zaqala ngemuva kwama-olimpiki enzeka ngonyaka wezi-2016, lapho okwaqhamuka khona umbiko ngaleso sikhathi owawukhombisa ukuthi abangabazi ukuthi imidlalo ethile kwenziwa ubugebengu, ngokusho kwe-Guardian.
Kubukeka ngathi imidlalo ehlukene eminingi yasebenzisa indlela okungesiyo ukunqoba, njengokuhlulwa kukaConlam, kanti lo mshayi wesibhakela usegxeke i-AIBA ngokukhwabanisa kulandela ukuhlulwa kwakhe.
“Bayaziwa ngokwenza ubugebengu. Imfundamakhwela zemidlalo yesibhakela zenza ukungcola yonke indawo. Kuya ngokuthi ubani okhokhe imali enkulu,” kusho uConlan.
Ngesikhathi sekuphele unyaka kudlule umdlalo, i-AIBA yaxosha wonke amajaji baphinde bavuma ukuthi indlela abenza ngayo yaphazamisa indlela okwakhishwa ngayo isinqumo e-Rion ngonyaka wezi-2016.
Isigungu samiswa ikhomishini yamazwe wonke kuma-olimpiki (i-IOC) futhi ukwesaba kuyanyuka emkhakheni wesibhakela njengoba amahlebezi ekhula okuthi imidlalo yokushaya isibhakela ingase ikhishwe emidlalweni yonyaka wezi-2024.
Okushubisa lolu daba kakhulu ukuthi i-IOC isiveze ukukhathazeka kwayo ngomuntu ophethe i-AIBA Youth World Championship kanye ne-Asian Championship ezokwenzeka kulo nyaka.
Umthombo wesithombe: @SkySports