Ukuzithwala kwamaqembu aphikisayo kubambezela ukulethwa kwezidingo eGoli

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

Ukuzikhukhumeza kwamaqembu aphikisayo kucishe kwamisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu kumasipala waseGoli.

Umasipala bekumele uphasise isabelomali sawo sika-R83 billion kuleli sonto, kodwa umhlangano wabhidlika.

Njengoba sekusele amasonto amabili ukuthi kube nokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba, amaqembu aphikisayo athembisa abavoti ukuthi azosebenzisana ukwakha omunye uhulumeni ezifundazweni lapho i-ANC ehluleka khona ukuthola iningi elicacile.

Lokhu kudinga ukubekela eceleni ubugovu bezombusazwe kanye nokuzicabangela wena siqu kanye nokubeka izidingo zabavoti kuqala.

Maningi amathuba okuthi izifundazwe ezifana neKwaZulu-Natal, iGoli kanye ne-Western Cape zingabuswa ohulumeni bamadlelandawonye.

Kodwa-ke, lokhu akusho ukuthi i-ANC izokhishwa emandleni kulezo zishayamthetho, ngoba ukufeza lokho kuzodinga ukuvuthwa okukhulu kwezombusazwe kwamaqembu aphikisayo.

Lokho kushoda kobumbano kwenhloso efanayo phakathi kwamaqembu aphikisayo kuhlulekile ukusebenzela abakhokhi bentela baseGoli kuleli sonto.

Ivoti lesabelomali sika-R83 billion sikamasipala alikwazanga ukuqhubeka ngenxa yokungaboni ngasolinye. Kunemifantu emikhulu kumifelandawonye eholwa i-ANC ehlanganisa i-EFF ne-Patriotic Alliance.

Okulandelayo ukuthi amaqembu aphikisayo abambane ngezandla asuse umfelandawonye we-ANC.

Umfelandawonye oholwa i-DA unamavoti anele ukuqumba phansi i-ANC.

I-DA ngaphansi kobuholi bukaDkt Mpho Phalatse yasungula ikomiti lemeya lokuqala ngemuva kokhetho lwango-2021.

Kodwa ukungabekezelelani kukaSihlalo we-DA uHelen Zille kanye nomholi we-EFF uJulius Malema kubhidlize lobo budlelwano kanye nekomiti lemeya.

Lokhu kunikeze i-ANC amandla, eyaphikwa abavoti yakulo masipala yathola u-33% wamavoti kuphela.

Ngaphambi kokuvota kwaleli sonto, umholi we-Patriotic Alliance uGayton McKenzie uveze ukuthi usikulungele ukulahla i-ANC futhi asebenzisane ne-DA, i-ActionSA kanye ne-IFP.

Kodwa-ke, i-DA isungule impi ngokumelene ne-PA, eheha amavoti amaKhaladi e-Western Cape futhi isongela ukukhonya kwe-DA kuleso sifundazwe.

Ngakho-ke ngaphandle kokuvumelana ngekusasa okuvela ku-DA, i-EFF, i-IFP, i-ActionSA, i-PA kanye neqembu lakamuva  le-MK, mancane amathuba okuthi i-ANC isuswe kuhulumeni ngempumelelo ngisho nasezifundazweni ezilengisiwe, okungekho othole iningi kuzo.

Esithombeni esingenhla: Ukulethwa kwezinsiza kungase kume kumasipala waseGoli.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva