Ukuzithiba ocansini kungakusanganisa ingqondo

Ukuzithiba ocansini isikhathi eside kungaba nemiphumela emibi kakhulu.

Ngokusho kochwepheshe, ukungayi ocansini njalo kwandisa ukukhathazeka, ukungalali ebusuku futhi kunciphisa namasosha avikela umzimba kwezinye izifo.

Kodwa akuyona nje imiphumela yokungazibandakanyi nocansi engaba yingozi kakhulu. 

“Ukungathintwa kungaholela ekubeni nesizungu, ukuzihlukanisa kubantu, kanye nokucindezeleka, okushiya umuzwa wokuba nokungazethembi.”

Futhi akubona abasebudlelwaneni nabashadile abathintekayo.

Kubantu be-LGBTQ+, abantu abane-polyamorous, kanye namalungu omphakathi we-kink, ucansi lungaba yingxenye ebalulekile yokuzizwa wamukelekile.

Lokhu kuyindaba esabalele futhi ngokusho kwe-General Social Survey, bangu-23% abantu baseMelika abaphila ngaphandle kokwenza ucansi unyaka wonke ngo-2021.

Ochwepheshe bathi i-orgasm inganikeza ukukhululeka ekukhathazekeni, iqinise amasosha omzimba futhi ithuthukise ukulala ebusuku.

Noma ngabe akekho umuntu olala naye, kubalulekile ukuzithokozisa ukuze ukwazi ukukhipha i-orgasm, kusho ochwepheshe.

Kulabo abalangazelela ukusondelana nowesilisa noma nowesifazane, imiphumela ingaba mibi kakhulu. Ukulamba kwesikhumba kanye nokungathintwa kungase kukushiye nesizungu.

Kodwa ungavumeli ukungalali nowesilisa noma owesifazane kukudonsele phansi.

Buyisa ukuzethemba namuhla ukuze uzoqala uzizwe kangcono!

Luhlanganiswe umbhali we-Scrolla

Isithombe esingenhla: Umuntu olele yedwa embhedeni

Izihloko zakamuva