Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ukuhalela amaswidi afakwe i-menthol nesiphuzo esibandayo esifakwe ujinja kusindise impilo kaMzuzu Sangweni ngemuva kokushiswa komjondolo wakhe ngoMgqibelo ebusuku.
Umakhenikha oneminyaka engu-52 ubudala wase-Tsakani e-Kurhuleni uphume eyothenga amaswidi neziphuzo ezibandayo, washiya umjondolo wakhe uphelele.
Uthe esebuya wahlangabezwa omakhelwane bezama ukucisha umlilo, yonke into abenayo isiphenduke umlotha.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa umakhenikha wendawo uthe ukholelwa ukuthi kukhona obemfuna efile wokhela ngomlilo umjondolo wakhe, ecabanga ukuthi uzobe elele ngaphakathi.
“Benginezivakashi ebezifikile zizofuna umthandazo nokuqondiswa ngokomoya ngalobo busuku. Ngaphambi kokuthi bahambe sibathandazele ukuthi baphephe sebegoduka phakathi kwamabili njengoba bugcwele ubugebengu endaweni.
“Ngazizwa sengathi ngingenwa umkhuhlane ngase ngicabanga ukuthi kufanele ngithenge amaswidi e-menthol nesiphuzo esibandayo sejinja (Ginger).
“Angikutholakanga ezitolo eziseduze ngase nginquma ukuhamba ngiye elokishini elilandelayo ukuyozithenga khona.”
Ngesikhathi ebuyela ekhaya uMzuzu wabona abahlali bendawo bezama ukucisha umlilo obushisa umjondolo wakhe onamagumbi amane.
“Ngizizwe sengathi ngiyaphupha. Ngilahlekelwe yikho konke okuhlanganisa nezinye zezimoto zamakhasimende ebengizilungisa.
“Angazi ukuthi ubani obengifuna ngifile, ayikho enye incazelo yokuthi yini eqale umlilo. Zonke izinto zikagesi bezicishiwe futhi bengingenayo i-heater. Benginezivakashi futhi angizange ngipheke ngalobo busuku.
“Ngikholelwa ukuthi umthandazo uvikele impilo yami,” kusho uSangweni.
Abahlali babambisene ukusiza uMzuzu ukuthi akhe kabusha umjondolo wakhe banikela nangefenisha.
Umholi womphakathi uJabu Nkosi usole ukwanda kokusha kwemijondolo endaweni kwidolobha lase-Kurhuleni elihudula izinyawo ukwakha izindlu zomxhaso.
“Uma uqhathanisa isibalo sokusha kwemijondolo nenani lezindlu eziselokishini elilodwa uzoqonda ukuthi abantu bakithi badinga izindlu ezifika nogesi ofanele.
“Uhulumeni wethu kumele uqale usithathele phezulu. Singabahlali bakuleli futhi sifanelwe izinsiza njengawo wonke umuntu,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: UMzuzu Sangweni.
Umthombo: Doreen Mokgolo