Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noPalesa Matlala
Kuqinisekiswe ukuthi kushone abasebenzi abayisithupha ngemuva kokuwa kwe-slap sikakhonkolo phakathi kwesitezi (two storey) esakhiweni sase-Omonder ngoMsombuluko ntambama.
Amathimba abatakuli asathungatha abasebenzi abathathu abalahlekile, abanye ababili basavaleleke ngaphansi kwemfucumfucu kanti umsebenzi oyedwa olimele uphuthunyiswe esibhedlela.
Usuku oluvamile lokusebenza luphenduke ubuhlungu ngesikhathi kuwa i-slap sikakhonkolo ngokuzuma endaweni yokwakha e-Omonder.
Lokhu kudilika kwenzeke e-6 Amethyst Business Park ku-Amethyst Road ngo-14:03 ngoMsombuluko.
Abasebenzi bebematasa esakhiweni ngesikhathi kuwa i-slap sikakhonkolo phakathi nesitezi. Isitezi sokuqala sabe sesiwa okuwise indawo yonke.
Abantu abayisithupha kuthiwa bashonile endaweni yesigameko.
Abasebenzi bezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni phakathi nemizuzu. Amaqembu abatakuli akhiphe umsebenzi oyedwa ngaphansi. Abanye ababili basabambekile. Abanye abasebenzi abathathu abakatholwa.
Okwamanje akukacaci noma abasebenzi abadukile bebengaphakathi ebhilidini ngesikhathi libhidlika.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo uXolile Khumalo uthe: “Kumanje amathimba ezimo eziphuthumayo amatasatasa ngokuwa kwebhilidi eliku-6 Amethyst Business Park, Amethyst Road, Omonder.
U-Alphas ongumakhi osindile uthe ubesanda kuthenga ukudla kwasemini.
Wathi esezobuyela phakathi, “wezwa umsindo omkhulu wacabanga ukuthi uthuli yintuthu”.
Wagijima wangena odongeni olubhodlokile wabona udonga lwakhonkolo ababelungiselela ukuligcwalisa.
“Ngisebenza njenge-slab filler. Sathola usimende osulungile futhi sase sizogcwalisa ngaphambi kokuba kudilike,” kusho u-Alphas.
Omunye umsebenzi, uMnuz Mhlanguli Ngulube, uthe bake bayibona inkinga phambilini.
Uthe ngesikhathi abasebenzi beqala ukuya esitezi esiphezulu babona ukuthi i-slab esingezansi esidinga ukulungiswa kabusha ukuze isakhiwo siphephe.
“Bezingekho izinsika eziqinisekisa ukuthi isakhiwo sihlala siqinile, bengiphansi phezulu ngihlanganisa amapayipi,” kusho uNgulube.
Uthe uzwe ozakwabo bekhala becela usizo kwaze kwaba kuyathuleka.”
“Bayisishiyagalolunye kanti abanye babo sengisebenze nabo iminyaka engaphezu kweyisishiyagalolunye.
UKhumalo uthe imbangela yokudilika kwayo ibingakaziwa.
“Ukuhlola okuphelele kuyenziwa, futhi izinsiza ezengeziwe seziqoqwe ukweseka imizamo yokutakula. Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi agweme indawo eseduze ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo ukuthi basebenze ngokuphepha,” kusho yena.
Iziphathimandla zithe zizokwabelana ngolwazi oluthe xaxa ngokushesha uma sebetholakele.
Esithombeni esingenhla: Amaqembu abatakuli asesha emfucumfucwini ngemva kokuwa kwe-slab sikakhonkolo endaweni yokwakha e-Omonder ngoMsombuluko ntambama.
Umthombo wesithombe: Palesa Matlala
Le ndaba ibuyekeziwe.
