
Celani Sikhakhane
Sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka uphahla oluvuzayo esibhedlela sesifunda saKwaMagwaza endaweni esemakhaya KwaZulu-Natal kuphoqa iziguli ukuthi zigodole futhi zilale emibhedeni emanzi.
Isimo samakhaza nokungahlanzeki esibhedlela sase-Melmoth sekuze kwaholela ekutheni iziguli zibe sesimeni esibi kakhulu ukudlula ngesikhathi ezalaliswa ngaso.
Imithombo engaphakathi esibhedlela itshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuvuza kwamanzi sekuqhubeke isikhathi esingangonyaka, futhi kube kubi kakhulu ngesikhathi isifundazwe sihlaselwa izikhukhula ngenyanga edlule.
Imithombo ithi ngezinsuku zemvula ukuvuza kuvimbe ukuthi abasebenzi bangakwazi ukubheka iziguli.
“Lesi simo sibucayi futhi iziphathimandla ziyasazi lesi simo, kade saba khona,” kusho umthombo, wengeza ngokuthi abantu sebesaba kakhulu ukulaliswa esibhedlela njengoba bewazi umbhede obandayo nomanzi obalindele.
“Kuyihlazo, neziguli zifuna ukubuyela emakhaya ngoba uma lina kuba nzima kuwo wonke umuntu okuhlanganisa nabahlengikazi.”
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uNtokozo Maphisa, uthe uMnyango uyazi ngalesi simo.
“Siyayazi inkinga yokuvuza kophahla, uMnyango uyalusukumela lolu daba futhi kuqokwe usonkontileka ukuthi alungise lolu phahla,” kusho uMaphisa.
Mayelana nophahla oluvuzayo, esifundazweni isibhedlela saKwaMagwaza singesinye esingenawo imigwaqo ebheke kusona.
Njengoba nalokhu kwenza ukuthi kube nzima kwiziguli ukufinyelela esibhedlela, lokhu kuntuleka kwengqalasizinda sekuphoqe odokotela ukuthi bayofuna umsebenzi ezindaweni zasemadolobheni.
Lesi sibhedlela sinomlando omude futhi onothile. Sakhiwa ngo-1860 ngesikhathi uMpande kaSenzangakhona enikela ngomhlaba kwizithunywa zevangeli embusweni wakwaZulu.
Izithunywa zevangeli KwaNzimela zaphatha lesi sibhedlela iminyaka engu-140 ngaphambi kokuthi sithathwe wuMnyango wezeMpilo ngo-2000 saphenduka isibhedlela sesifunda.