Ukuvota okukhethekile kuphazanyiswe udlame lwamatekisi e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ukuvota kwabakhethekile ezingxenyeni ezithile zase-Eastern Cape ngoMsombuluko kuphazamiswe isiteleka samatekisi esidale uthuthuva emphakathini naseMthatha.

Bangaphezu kuka-288,000 abantu ababhalisele ukuvota phakathi kukaMsombuluko noLwesibili esifundazweni.

Kodwa-ke, bayincosana abakwazile ukuvota ngoMsombuluko njengoba iziteshi eziningi zokuvota esifundeni i-OR Tambo zingakwazanga ukuvula usuku lokuqala lokuvota okukhethekile ngenxa yesiteleka samatekisi esiqhubekayo.

Inhloko ye-Independent Electoral Commission (IEC) esifundazweni uKhayakazi Magudumana uthe zingaphezu kwekhulu iziteshi zokuvota ezisavaliwe ngosuku lokuqala lwamavoti akhethekile.

“Sineziteshi ezingu-110 ezisavaliwe kanti ingxenye enkulu yalezo ziteshi ise-Port St Johns.

“Baneziteshi ezingu-91 ezingasebenzi kanti sezizonke iziteshi zokuvota zingu-134 ngakho ezingu-91 ziningi kakhulu; njengoba ezingu-19 [iziteshi zokuvota bezivaliwe] eKing Sabata Dalindyebo,” kusho uMagudumana.

Izifunda zase-Buffalo City, iNelson Mandela Bay kanye ne-OR Tambo zihlonzwe njengezindawo ezivame kakhulu ukusongelwa. 

Kodwa-ke, isimo sase-Buffalo City naseNelson Mandela Bay besizolile futhi nokuvota bekuhamba kahle. 

UMagudumana uthe ezinye izikhungo zokuvota esifundazweni “zisakhululekile”. 

Khonamanjalo, iloli ebelithwele impahla yokuvota lidunwe laphangwa – kwasaphazwa amaphepha abavoti anamagama abantu agcwala umgwaqo onguthelawayeka u-N2 kanye nezikibha zamavolontiya e-EFF. 

I-EFF esifundazweni ithe lesi simo besingagwemeka.

Umholi wesifundazwe uZilindile Vena uthe iloli belilibangise ehhovisi leqembu lesifundazwe eMthatha. 

Uthe iqembu alidikibali ngokuphangwa kwangoMsombuluko. 

“Bekubomvu indawo, bathathe yonke into.  Bebegqoke izikibha ebezihloselwe amavolontiya. 

“Kodwa asizona izingane ezitetemayo, sizosebenza ngalokho esinakho. Sisebenze kanzima futhi sizongenela umqhudelwano ngempumelelo,” kusho uVena. 

Yize abezomthetho bekwazile ukubuyisela isimo  eMthatha ngoMsombuluko ntambama, akukacaci noma isiteleka samatekisi sizoqhubeka yini ngoLwesibili. 

Ososeshini bamatekisi abacele ukuthi kuvalwe yonke into ngoMsombuluko akwaziwa zinhelo zabo mayelana nesinyathelo sabo esilandelayo. 

Esithombeni ngenhla: Iloli ebelithwele impahla yokuvota okubalwa nezikibha zamavolontiya e-EFF eziphangwe ngoMsombuluko ngesikhathi kunesiteleka samatekisi eMthatha. 

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva