‘Ukuvimba amaphenathi amane akusiyo inhlanhla’ – Broos 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukuchithile ukuthi bebedinga inhlanhla ukuze bafinyelele kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations kade sekukhahlelwa  amaphenathi bebhekene ne-Cape Verde.

Ukaputeni weNingizimu Afrika uRonwen Williams wenze ezibukwayo ngeSonto ekuseni ngokuvimba amaphenathi amane wasiza iqembu lakhe linqoba ngo 2-1 emdlalweni obunzima kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0 ngemuva kwesikhathi esengeziwe.

Umdlalo obuse-Stade Charles Konan Banny de Yamoussoukro ubunzima kwaze kwafikwa emaphenathini.

“Asibanga nenhlanhla kodwa besinonozinti osezingeni eliphezulu namuhla. Uma uvimba amaphenathi amane lokhu akuseyona inhlanhla,” kusho uBroos kwabezindaba.

“Ungayivimba eyodwa kodwa lawa abemane ngakho, lokho akuseyona inhlanhla. Akagcinanga lapho, uphinde wagcina isikhathi sekuzophela umdlalo ebhekene nomdlali obeyedwa phambi kwakhe.”

“Ngakho-ke, ubengumdlali wosuku ovelele. Ngicabanga ukuthi besingeke sikhethe omunye ngaphandle kwakhe.”

Kusukela ngonyaka ka-2000, iNingizimu Afrika ayikaze ifinyelele kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano wamazwekazi kodwa ngenxa kaWilliams isingakwazi ukuphupha isicoco sokuqala se-Afcon eminyakeni engu-28.

Ukaputeni weBafana uchaze kabanzi ngobuqhawe bakhe ekuvimbeni amaphenathi.

“Ngibonga abadlali, abasebenzi, ithimba labaqeqeshi, abahlaziyi kanye nawo wonke umuntu oke waba khona,” kusho uWilliams.

“Bayangilungiselela, sibuka namavidiyo amaningi ukuze ngifunde ngiphinde ngicoshe nezindlela zamanje.”

“Bangithumelela iziqeshana eziningi zamavidiyo, kumanje nje umakhalekhukhwini wami ugcwele amaphenathi ngakho kumele kungconywe abahlaziyi ngokwenza umsebenzi ngoba akulula ukuthola amavidiyo abanye balabo badlali ngoba badlala umhlaba wonke.”

“Bangenzele umsebenzi wami waba lula. Ngakho bengazi ukuthi iningi labadlali babo lizowashayela kuphi amaphenathi.”

IBafana isilungiselela ukuhlangana ne-Nigeria kowokugcina ngoLwesithathu.

Esithombeni esingenhla: Ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams nomqeqeshi uHugo Broos bejabulela ukunqoba kweqembu kumaphenathi bebhekene ne-Cape Verde.

Umthombo wesithombe: Abezindaba ze-Safa

Izihloko zakamuva