Menzi Magubane
IKaizer Chiefs iyaqhubeka nokuvuza amagoli njengoba abadlali bayo abangabavikeli bengadlalanga kahle njengokulindelwe kwi-DSTV Premiership.
IChiefs manje isidedele amagoli amahlanu emidlalweni yayo emine yeligi ngemuva kokubanjwa ngokulingana kwamagoli amibili yiLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo.
Umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt uphinde wazwakalisa ukuphoxeka kwakhe ngendlela abafana bakhe abavikele ngayo eSugar Ray Xulu Stadium, eThekwini.
“Ukuvikela kube yinkinga kithina.
“Kusukela lapho ebesikhona emasontweni ambalwa edlule mawuqathanisa nalapho esikhona manje, ngidumele kakhulu.
“Kodwa kuwuphawu oluhle ukuphoxeka ngoba kusho ukuthi silindele okungaphezulu,” kusho uHunt.
I-Chiefs ibiyiqembu elingcono kakhulu kunalabo abebedlalela ekhaya kanti futhi Amakhosi abebukeka ebukhali uma eya phambili noLebohang Manyama, uKhama Billiat noLeonardo Castro abahamba phambili.
Bobathathu laba babenamathuba amaningi – ikakhulukazi esigabeni sokuqala – sokubeka izivakashi phambili.
Isiwombe sokuqala siphele kungamampunge kodwa isiwombe sesibili bekungumdlalo webhola ohlukile ngokuphelele.
Isigaba sesibili siqale ngezixakaxaka ngesikhathi Abafana Bes’thende benikezwa iphenalthi eyimpikiswano emizuzwini emibili nje kuphela kwisigamu.
I-Chiefs ikuzwe kunzima okwenziwa ngunompempe uOlani Kwinda, oshaye impempe kuWillard Katsande emahlulela ngokuthi udlalise kabi uZolani Nkombelo weArrows ebhokisini.
Ngenxa yesikrini esikhulu nama-replays, kukhombisile ukuthi uKatsande udlale ibhola hhayi indoda.
Kusukela kulelo phutha, iArrows ihole phambili kwathi uSiboniso Conco washaya iphenalthi.
Amakhosi alulame ngokushesha futhi kuwathathe imizuzu eyisishiyagalolunye ukuthola igoli lokulinganisa ebelivela ngekhanda kuCastro.
UCastro nguyena owemukelwe ngesikhathi uBilliat emnika ibhola ukuze aqedele ukubambana kwakhe ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalombili.
IArrows yenze umlingo wayo futhi yakwazi ukuhlukanisa nokudlula kubavikeli beChiefs ebebeholwa nguDaniel Cardoso noSiyabonga Ngezana.
Ukulinganisa kweArrows kube wubuhle obukhulu, kwathi ukaputeni weChiefs ongunozinti futhi uItumeleng Khune wehluleka.
UNduduzo Sibiya uqhamuke ebhentshini ezoshaya igoli elimangalisayo ngaphandle kwebhokisi elikhulu.
Imiphumela ishiye iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu amahlanu ngemuva kokuwina umdlalo owodwa. Bahlulwe emdlalweni owodwa base badlala ngokulingana kwemibili.
Eminye imiphumela: IBlack Leopards 1-0 Maritzburg United; IStellenbosch 2-0 Chippa United.
Isithombe: @_SportsNetwork