Lubhalwe nguLungani Zungu
UJacob Zuma ngesikhathi efika esigcemeni sesi-111 ufice amalungu ebumbene, kodwa ngemuva kwenkulumo yakhe kuthiwe ushiye sekukhona uqhekeko.
Amanye amalungu akuleli gatsha asola ukuthi isinqumo sokumema owayenguMengameli wakuleli besiyimpoqo.
UZuma wethule inkulumo yakhe ye-OR Tambo memorial lecture esikoleni samabanga aphansi Isidingo Combined Primary school ngeSonto.
UMsizi Ngcobo oyilungu uthe: “angiphikisani nokuvakasha kwananoma ngabe yimuphi umholi kwigatsha lethu, kodwa kufanele saziswe kahle hhayi ukuthi sibone ngabantu sebevumbuka”.
UNgcobo uthe amalungu kufanale abaqaphele abaphathi abafuna ukubasebenzisa ukuhlasela abaphathi bezinye izinhlangano.
Ulindele ukuthi kuqubuke izingxabano phakathi kwabaholi lungakaqali ukhetho lwe ANC oluzoba ngenyanga ezayo.
“Uzobona abaphathi bezinhlangano behlaselana besebenzisa amagatsha ezinhlangano ukwenza lokho,” esho.
Unobhala wegatsha uMhlengi Shange uthe wonke amalungu abenalo ulwazi lokuthi uZuma uzokwethula inkulumo ye-OR Tambo memorial lecture.
Sikhulumile nawo wonke amalungu egatsha lenhlangano ngaphambi kokwethulwa kwenkulumo. Angazi kungani amanye amalungu ekuphika lokho.
Ngesikhathi uZuma esethula inkulumo yakhe, uvele wakuyeka konke okubalulekile obekufanele akhulume ngakho wabe esehlasela uMengameli uCyril Ramaphosa ngamazwi.
Ube esemsola ngokukhipha amantshontsho ngesikhathi sokhetho lwango-2017 lapho khona uRamaphosa wahlula uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma okwakunguye okwakufanele awine ngokukaZuma.
“Izinkulumo zithi, ngo-2017 iningi imali eyasetshenziswa ukuthenga abavoti ukuthi bavote nganoma ngayiphi indlela,” kusho uZuma.
“Kwakunezinsolo zokuthi uCyril Ramaphosa wasebenzisa imali eningi ukuthenga isikhundla sokuba nguMholi we ANC”.
Njengoba eseniminyaka engu-80 uZuma owayengumholi we ANC iminyaka eyishumi, waphinde waba nguMengameli wezwe kusukela ngo 2009 kwaze kwaba u-2018, ukuvezile ukuthi naye uzibhekile okhethweni lwalezi zikhundla eziyisithupha ze-ANC.
URamaphosa akakamphenduli uZuma njengoba eye kwi-COP27 e-Egypt.
Osesithombeni esingenhla: UJacob Zuma
Umthombo wesithombe: @DZumaSambudla