Sizwe Sibiya
Ngasekuqaleni konyaka wezi-2020, umnikazi womkhiqizo wezingubo kanye nomrepha uLlayn wakhipha ingoma yakhe yokuqala, i-“Qonqo”.
Ingoma, esho “ukungqongqoza,” yaduma ngokushesha, futhi ividiyo yayo yomculo manje isibukwe ngaphezu kokuyizi-100,000 ku-YouTube.
Kodwa – njengoba kwenzekile kwabanye abaningi – ubhubhane lwe-Covid-19 lwaphazamisa umsebenzi kaLlayn othembisayo.
“Besinezinhlelo ezinkulu nelebuli ebisanda kungisayinisa ngowezi-2019 i-Rockstar Records,” kusho uLlayn, ogama lakhe langempela nguZolani Mbhele.
“Kwadingeka ukuthi kumiswe amadili nezinkontileka. Kwafaneleke ukuba ngihlehlise ukukhishwa kwengoma yami yesibili. Umfutho enganginawo engomeni yami yokuqala wehla,” kusho uLlayn okhiphe ingoma yakhe yesibili ethi-“Temate” nevidiyo yomculo ngoNhlangulana kulo nyaka.
Umvalelo kazwelonke ovimbele ukuhamba amabanga amade nokusingathwa kwemicimbi, kwenze umsebenzi wakhe womculo uphuze ukuphela.
ULlayn utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi ngemuva kokuthi kumiswe lezi zinto ezimbili ezibalulekile ezithuthukisa umculi osafufuza, kwafaneleka ukuba ancike kuphela emsebenzini wakhe wezingubo obizwa nge-Llayn ukuze aziphilise.
“Ngiqale ibhizinisi lezingubo ngowezi-2014 eMlazi – lapho engidabuka khona – ukuze ngithole igama lasesiteji. Kodwa ngesikhathi somvalelo kwaba yilo leli bhizinisi eleseka umsebenzi wami womculo.
“Njengoba igama elithi ‘Llayn’ libhalwe kuzo zonke izikibha, izigqoko, ama-bucket hat nakumakepisi engiwathengise ngisebenzisa izinkundla zokuxhumana, ngikwazile ukuhlala ngikhona eduze kwabalandeli bami futhi ngakhulisa nomsebenzi wami wezomculo,” esho.
Lo mrepha waseThekwini uphinde watshela i-Scrolla.Africa ukuthi njengamanje usebenza kuma-albhamu amabili ngesikhathi esisodwa.
Umthombo wesithombe: Uhlinzekiwe