Ukutatanyiswa kukaPenny Ntuli kuthukuthelisa ozakwabo kuJozi FM

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Ukubuyela komsakazi uPenny Ntuli kuJozi FM kubaphathe kabi abantu asebenza nabo ngoba kuthiwa uthola impatho engafani nabanye.

Ushiye iGagasi FM ngemuva kokwenqaba iholo lika-R2,800 ekuqaleni konyaka.

Manje njengoba ekwiJozi FM okuthiwa wukutatanyiswa kwakhe kudala izinkinga phakathi kwabasebenzi. Imithombo yeZimoja ithi uNtuli uthola impatho abanye abangayitholi.

Ngokwesibonelo, isikhulu esiphezulu uMpho Mhlongo nguyena omhambisayo noma ambuyise esiteshini bese elinda ukuthi uhlelo lwakhe luphele.

Umthombo uveze ukuthi nakuba ukuba khona kukaPenny kukhulise ukuthandwa komsakazo kodwa impatho ayitholayo ayihlali kahle kwabanye abasebenzi.

“Selokhu engenile kulo msakazo kuhlezi kufika izivakashi, abalandeli, abazwelana naye kanye nosopolitiki abafana ne-IFP Youth Brigade. Ngisho nomculi wezokholo uThina Zungu uphakathi kwabantu abakade bevakashele lesi siteshi,” kusho umthombo.

“Uyiswa ezindaweni zokudlela ezifana neDisoufeng ezindaweni eziheha izivakashi njengoVilakazi Street. Yebo, usemusha eSoweto naseGauteng.”

Umthombo uthe abaphathi baqala into abanye abasebenzi abangeke bayimele ngokuhamba kwesikhathi.

“Lokhu kungase kuzwakale sengathi sinomona, kodwa sizolindela ukuthi abanye abasebenzi abasha bayiswe ezindaweni zokudlela eziseSoweto uma sebeqashiwe.”

Osesithomben esingenhla: UPenny Ntuli.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva