Lubhalwe nguRazeen Gutta
Uhlelo lombala obomvu noluhlaza okwesibhakabhaka lwe-Red Bull, oluhlobisa iziphuzo ezinikeza amandla kanye nezimoto zomjaho futhi nolwaziwa emhlabeni wonke luvela kuleli.
Kuwukuqhubekela phambili kwenguquko yokuxhasa eyaqala ngenkampani kagwayi yakuleli i-Gunston eminyakeni engamashumi amahlanu edlule.
I-Red Bull kaMax Verstappen isinikeze amaphiko kumasizini athile e-Formula 1 akamuva, kodwa ukuduma komkhiqizo kwaqala kanjani emjahweni wezimoto?
I-Team Gunston eyayingakaze iwine ku-World Championships, yabonakala ku-Rhodesian Grand Prix ka-1967 okwaba isiqalo esihle sokuxhaswa kwe-F1.
Ngesikhathi kusungulwa i-F1 World Championship ngeminyaka yango-1950 izimoto zazihlotshiswe ngemibala yamazwe ezaziwamele, izimpawu zoxhaso zivaliwe ezimotweni.
Konke kwashintsha ehlobo lika-’67 ngesikhathi i-Brabham BT20 enombala wewolintshi nonsundu iphendula umhlaba womjaho hhayi ngesivinini sayo noma ubuchwepheshe bayo, kodwa ngombala wayo.
AbakwaGunston babengabasunguli be-king-size cigarette filter futhi babona ukuthi uma besekela abashayeli be-SAF1, uJohn Love noSam Tingle, kuzoveza isithombe esisha senkampani.
Kungenzeka ukuthi abawinanga lutho, kodwa ngesikhathi i-Team Gunston iphuma endaweni yesishiyagalolunye kwi-GP yakuleli ngo-1968, ezinye izinkampani zazibukele.
UJim Clark we-Team Lotus owawina ngephuzu elilodwa kwamabili kuleli ngalowo nyaka waqhamuka nemoto enombala ofana nowegolide kwi-Gold Leaf Tobacco.
Yaqala kanjalo-ke inguquko. Ngokushesha nje njengoba izethameli zikamabonakude bezithanda izinkampani ezinkulu emhlabeni wonke zangenelela ekuxhaseni.
Kodwa iqembu iGunston yangena emjahweni wokugcina ngo-1975, futhi noma kungenzeka ukuthi abakaze bayinambithe impumelelo efana ne-Red Bull, bayohlale bekhunjulwa njengamavulandlela oxhaso lwe-F1.
Isithombe esingenhla: I-Team Gunston ngo-1968 kwi-SA GP
Umthombo wesithombe: Reddit