Ukusinda ku-Covid, ukuqinisa umshado – nokwenza ucansi olumnandi

I-Covid-19 idale inkinga ebudlelwaneni babantu nasemishadweni.

Kepha kukhona izithandani  eziphume ziqinile kulento.

Iqembu lezithandani ligubhe izibopho zalo eziphumelele yize bekunomvalelo emcimbini obuse-Centurion ngoMgqibelo.

Umeluleki wemishado, uDkt uLloyd Zulu, ubemenywe kulo mcimbi ngoba ubenegalelo elikhulu ekusizeni izithandani ngesikhathi somvalelo.

Uthe useke wabona kwenzeka kaningi lapho imishado isencupheni yokuphela.

“Kwesinye isikhathi, amakhosikazi ayethi ngeke akwazi ukubona abayeni bawo zonke izinsuku bengayi emsebenzini.”

Uthe abesilisa kubukeka sengathi bathola ingcindezi enkulu yokondla imindeni yabo kunabesifazane.

“Abanye besifazane babefuna ukuthi abayeni babo babaphathe kahle futhi babondle kube sengathi umhlaba ujwayelekile,” uyasho.

“Izithandani bezingakujwayele ukuhlala ndawonye usuku lonke, nsuku zonke futhi lokhu kudale izingxabano kangangokuthi kwabizwa abefundisi nami njengomeluleki ukuba singenelele.

Kepha ezinye izithandani zithe umvalelo we-Covid-19 ubasizile ngokuthi baxhumane kangcono.

UNkele Banda, oneminyaka engama-38, uthe umyeni wakhe weminyaka eyi-10 ubenohlelo oluxake kakhulu emsebenzini ngaphambi kwe-Covid.

“Ubesebenza ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu futhi ebuya ekhaya ebusuku nsuku zonke. Kodwa ngesikhathi somvalelo, wakhombisa umndeni ukuthi uyasikhathalela,” uyasho.

Uthe bachitha isikhathi sabo bevalelene njengomndeni.

“Bekumnandi kakhulu. Kwakufana nothando lweqiniso umuntu ahlangana nalo lapho uqala uhlangana nomuntu. Sichitha isikhathi sethu ndawonye futhi senza ucansi olumnandi kakhulu,” uyasho.

Uthe umyeni wakhe ubezinika isikhathi sokugeza izingane, aziphekele futhi amsize ngemisebenzi yansuku zonke.

“Kimi umvalelo kube yinto enhle,” uyasho.

UNkele weluleke abanye besifazane abashadile ukuthi bangabeki ingcindezi yabo eyengeziwe emadodeni abo ngoba kungenzeka ukuthi balwa izimpi emsebenzini abangazivezi njalo kumakhosikazi abo.

Izihloko zakamuva